Owesifazane obesaba ukuthunjwa nokudlwengulwa wehle etekisini elihambayo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesifazane (21) waselokishini lase-Khayelitsha eKapa uphume etekisini elihambayo ngoba esaba ukuthi umshayeli ubehlela ukumthumba nokumdlwengula yena nabanye abafundi etekisini. 

Ubesendleleni ebheke ekhaya ephuma ohlelweni lokufundisa ngekhompyutha ngoLwesibili olwedlule ngehora lesine ntambama ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

“Balinganiselwa ku-13 abafundi base-Salt River. Nginike omunye wabafundi obehlezi ngaphambili ucingo lwami ukuze adlale umculo. Sivame ukukwenza lokho; abashayeli bamatekisi abanankinga nalokho,” kusho yena.

Umshayeli wetekisi ubatshele ukuthi usezwe izindaba eziningi ngabo futhi uzobakhombisa ukuthi ungubani. 

“Sivele sathuka sonke ukuthi kungani esho leyo nto. Asimazi, futhi asikaze senze lutho olubi kunoma ngubani,” esho. 

Ngesikhathi besajabulela umculo odlalwa etekisini, kuthiwa umshayeli uqale ukuthatha amavidiyo ngocingo lwakhe. 

“Sonke siye sakhathazeka ngesikhathi eqala ukuthatha amavidiyo, ngimbone ethumela ividiyo komunye umuntu. Ngiye ngathuka kakhulu ngazibuza ukuthi kungani ethumelela othile amavidiyo ethu ngoba besiqala ngqa ukumbona. 

“Ngishaywe wuvalo futhi ngiqale ukucabanga ngezinto eziningi ezingezinhle,” kusho lona wesifazane.

Uye watshela umshayeli ukuba amehlise lapho aya khona kodwa esikhundleni sokuba ehlise isivinini, umshayeli uvele washayela ngesivinini esiphezulu. 

“Ngiye ngamkhumbuza ukuthi ngiyehla esitobhini esilandelayo, wavele wangibuka waqhubeka nokushayela ngesivinini esikhulu. 

“Yilapho-ke engithathe khona isinqumo sokuthi ngigxume ngehle etekisini lihamba ngoba nginovalo lokuthi uzosenzani, kuhlanganisa nalo muntu abemthumelele amavidiyo ethu,” usho kanje.

Lona wesifazane ulimale ebusweni, emadolweni nasezandleni ngesikhathi egxuma ephuma etekisini ebelihamba futhi uye walashwa esibhedlela sendawo.

Usesaba nokuphuma selokhu kwenzeke lesi sigameko.

“Angazi noma ukuya esiteshini samaphoyisa kuzongisiza yini. Okwamanje ngigxile ekutheni ngilulame ngoba ngilimele kakhulu. Mhlawumbe uma sengiluleme ngizophinde ngiye erenki ngiyobika lokhu ukuze lo mshayeli angakwenzi komunye umuntu,” esho.

U-Andile Khanyisa, okhulumela inhlangano yamatekisi i-Cape Organisation for the Democratic, uthe owesifazane kumele avakashele amahhovisi abo e-Khayelitsha ukuyobika lolu daba.

Esithombeni esingenhla: Owesifazane olimale esandleni ngesikhathi ephuma etekisini ebelihamba.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva