Owesifazane obelahlekile utholwe eshonile emakhazeni kahulumeni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UFikile Ndala, (32), wase-Duduza, eKurhuleni, oduke ngoLwesihlanu mhlaka-30 kuNcwaba, utholwe eshonile emakhazeni kahulumeni.

UFikile wahamba ekhaya ngalolo Lwesihlanu ebusuku eyohlangana nesoka lakhe endaweni yokucima ukoma eseduze.

Abazibonele bathi bagcina ukumbona exabana naye ngaphandle.

Umndeni wakhe ubungazi ukuthi ezintatha zangoMgqibelo, mhlaka-31 kuNcwaba, washayiswa yimoto ehamba ku-Tonkmeter Road, oqhele ngamakhilomitha ayishumi ukusuka emzini wakubo.

Umshayeli ubike ngengozi esiteshini samaphoyisa e-Springs ngezithuba zabo-04:00 ekuseni.

NgeSonto, lulunye kuMandulo, umndeni wakhe wakhathazeka ngesikhathi ungamtholi ocingweni.

Ubabekazi wakhe, u-Itumeleng Khohlo-Ndala, uthe: “Ucingo lwakhe belungena ku-voicemail, kanti akekho obesambonile noma okhulume naye kusukela ngoLwesihlanu.”

Umndeni wambheka ezibhedlela kodwa wahluleka ukumthola.

NgoMsombuluko kuleli sonto, amaphoyisa abizele umndeni emakhazeni kahulumeni wase-Springs, ethi unesidumbu esifana nencazelo kaFikile.

Ukulimala kwakhe kubi kakhulu kangangokuthi umndeni wakhe ubungakwazi ukumbona ezithombeni amaphoyisa abezithwebule emzimbeni wakhe, ngakho kwasetshenziswa izigxivizo zeminwe ukuqinisekisa ukuthi ungubani.

Ugogo kaFikile, u-Annah Zulu, ufuna ukwazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuba uFikile ahambe yedwa ebusuku kangaka.

“Umuntu wokugcina ayenaye yisoka lakhe ebelimhlukumeza. Ngabe wamshiya lapho, wamenza wahamba yedwa ukubuyela ekhaya?” ebuza.

“Sifuna ubulungiswa ngomzukulu wami. Umuntu onecala ngokufa kwakhe akufanele angajeziswa.”

Okhulumela amaphoyisa aseKurhuleni, uKaputeni Neldah Sekgobela, uthe baphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

Osesithombeni ngenhla: UFikile Ndala.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva