Owesifazane nohlelo lokukhuthaza abaphila nengculazi 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izinselelo u-Esethu Mpumaphi abhekana nazo ngesikhathi ethola ukuthi unegciwane lengculazi  zamgqugquzelaukuba aqale ikhasi ku-Facebook no-WhatsApp ngaphansi kwesihloko esithi “Amangculaza Amahle”.

Amakhasi awavulile uwakhele ukusiza abantu abaphila negciwane lengculazi bakwazi ukuxoxa ngokukhululekile ngobunzima abahlangabezana nabo.

Uke waxoxa neyakhe indaba ebuhlungu.

UMpumaphi oneminyaka engu-22 ubudala wase-Port St John’s ulukhumbula kahle usuku athola ngalo ukuthi unesifo sengculazi.

Kwakungu-2019 futhi wayeneminyaka engu-18 ubudala ngesikhathi eya emtholampilo ongumahambanendlwana edolobheni eyohlola ukukhulelwa njengengxenye yesimiso sakhe sokuhlela umndeni.

“Kodwa umhlengikazi waphinde wangeluleka ukuthi ngiyohlolela igciwane lengculazi,” kusho uMpumaphi.

“Ngangifuna ukuhlolwa ukukhulelwa ukuze ngihlelele ikusasa lami. Angikaze ngicabange ukuthi ngizozithola ukuthi nginegciwane lengculazi.”

Njengabanye abaningi, wayenemibono eyahlukene mayelana nokudluliselwa kwegciwane lengculazi. Wayekholelwa ukuthi kuthinta kakhulu abantu abanabalingani bocansi abaningi.

“Ngesikhathi ngidalula isimo sami kumlingani wami, wangiphendula ngendlela ekhombisa ukubanda wabuza ukuthi ngizokwenzenjani njengoba nengithole lokhu. Ngagcina ukukhuluma naye ngalelolanga.”

“Ukuhlala phakathi kwabantu abangasazi isimo sabo noma labo abangenalo igciwane lengculazi kuyinselele enkulu. Kuba nzima ukunamathela ekuqaleni uhlelo lokwelashwa.” Yingakho evule leli khasi.

“Ekhasini lethu siyakhuthazana futhi siyesekana. Sigcizelela ukubaluleka kokwelashwa ukuze siphile.”

Ikhasi le-WhatsApp njengamanje linamalungu angu-200 kanti ikhasi lika-Facebook linamalungu amaningi.

Naphezu kokushaqeka akuthola ebona imiphumela yakhe, ubonga umndeni wakhe ngokumeseka.

“Ukuthola imphumela kwashintsha impilo yami. Ukuphumela obala nalesi sifo kube yisinyathelo esibalulekile. Ukusiza abanye ukuthi bamukele isimo sabo kungilethela injabulo ngoba sonke siyakudinga ukwesekwa.”

Konke kwashintsha muva nje ngesikhathi ehlangana nentombi yakhe eneminyaka engu-29 ubudala.

“Ngaphambi kokuthi akhulume nami ngase ngiyekile ukujola futhi ngangigxile empilweni yami nokukhuthaza abanye.”

“Ngangilindele ukuthi ahambe njengoba abanye benzile phambilini, kodwa wangithanda ngisho nangemuva kokuthola ngesimo sami.”

UMpumaphi ukholelwa ukuthi ukukhulumisana ngokukhululekile kwenza izithandani zithole indlela yokuvikelana kwigciwane lengculazi. 

U-Abongile Tutshana, intombi kaMpumaphi ayizange imangele ngesikhathi izwa ngesimo sakhe.

“Isimo sakhe asizange siyishintshe indlela engangizizwa ngayo ngaye. Ngiyayazi inhliziyo yakhe. Ukuphumela obala kwakhe ngesimo sakhe kwangenza ngamthanda kakhulu,” kusho uTutshana.

“Abantu abaziqhelelanise nabantu abanegciwane lengculazi bayaphuthelwa.”

Osesithombeni esingenhla: U-Esethu Mpumaphi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva