Owesifazane nohambo lwakhe lokuthola ilayisensi 

Ukuthola ilayisensi yokushayela akubanga lula kowesifazane wase-South Korea. 

Lokhu bekungekona ukugwazisa noma imali yesiphuzo ngokulimi olwaziwayo kubantu bakuleli, kodwa bekuyizindleko zokubhala izivivinyo zakhe zokushayela izikhathi ezingu-960.

Bekuwuhambo olude ngendlela emangalisayo kuCha Sa-Soon olwaqala ngoMbasa onyakeni ka-2005 ngesikhathi owesifazane ezama ukuthola ilayisense yakhe okokuqala ngqa.

Ngaleso sikhathi, wayezimisele kakhulu. Wazama, kodwa wehluleka ukuphasa izivivinyo zokuthola izincwadi zokushayela nsuku zonke, izinsuku ezinhlanu ngesonto iminyaka emithathu.

Lo wesifazame ubesezame amahlandla angu-780!

Ube eseshintsha ukwenza wathatha isu elihlukile lokuhlola kabili ngesonto. Ekugcineni uphumelele.

Lo wesilisa oneminyaka engu-69 ubudala ubengcono kakhulu uma eseshayela, kodwa kuthathwa imizamo eyishumu ukuze aphase, kubika i-The Mirror.

UCha ubenqaba ukuyeka ngoba ubezidinga izincwadi zokushayela zebhizinisi lakhe lokudayisa imifino.

Umfundisi wakhe wokushayela e-Jeonbuk Driving School uthe uzizwa ekhululekile ukuthi uCha Sa-on ugcine eyotholile ilayisensi yakhe. 

“Simjabulele kakhulu! Siphume sonke sijabule samanga simnika nezimbali.”

“Ngizwe sengathi kusuke umthwalo omkhulu emahlombe ami. Asizange sibe nesibindi sokumtshela ukuthi ayeke ngoba ubelokhu ebonakala ukuthi ufuna ukuphumelela ekugcineni.”

Ukuzama amahlandla angu-960 kubonakale kumsizile uCha njengoba esengusaziwayo e-South Korea, ufakwe esikhangisweni sakwa-Hyundai ngesikhathi ephiwe khona imoto entsha sha.

Uhambo lwakhe luphinde lwavela ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto nakuba kwenzeke eminyakeni engu-15 edlule. Kungcono ukuphimelela sekwephuzile kunokungaphumeleli lawo ngamazwi abengashiwo uCha.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: UCha Sa nemoto yakhe aphiwe yona

Umthombo wesithombe: Reddit

Izihloko zakamuva