Owesifazane nendondo yokuba umshayeli wetekisi ovelele

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Ngesikhathi umyeni wakhe eshona ngo-2004, uNyadzani Rambau wasesigodini sase-Mashamba esiFundeni sase-Vhembe kwadingeka ukuthi aqhamuke nezindlela zokondla izingane zakhe ezintathu.

Wasebenzisa imali ayeyithola ukuthenga i-Toyota Venture wabe eseqala ukuthutha abantu esuka endaweni yangakubo eya edolobheni lase-Makhado.

Ekugcineni wangena embonini yamatekisi futhi waba ngumshayeli wamatekisi kusukela lapho.

Ngemuva kweminyaka ekulo mkhakha ibhizinisi lakhe selikhulile – lisuka kwi-Venture eyodwa laya kuma-Quantum amathathu.

NgoLwesihlanu uhlonishwe njengomshayeli wetekisi ohamba phambili kwabesifazane e-Limpopo. Umenyezelwe njengowinile nguNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uFlorence Radzilani, e-Ranch Resort e-Polokwane.

UNyadzani (58), uthe le ndondo ikhombisa ukuthi abesifazane nabo bangaba ngabashayeli abasezingeni eliphezulu futhi bangakwenza konke okwenziwa ozakwabo besilisa noma ngapheuzu kwalokho. Uklonyeliswe ngesamba semali sika-R10 000, indondo kanye nesitifiketi.

“Ngikholwa wukuthi ngiqokwe ngenxa yendlela engisebenza ngayo nengiphatha ngayo amakhasimende ami. Ugqozi lwami lusuka ekutheni bengingafuni ukubona umphakathi wangakithi uswela izinto zokuhamba,” esho.

UNyadzani ufakwe kulo mncintiswano iNhlangano yakhe yamatekisi i-Tshitale.

Udlulele ezigabeni ezahlukene waze waya emqhudelwaneni wesifundazwe, lapho yena kanye nabashayeli asebenza nabo abavivinywe ngokwethiyori ngamaphoyisa oMnyango wezokuThutha.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngemali eningi yemiklomelo uzothengela amadodana akhe izinto ezimnandi wathi enye izosiza indodana yakhe encane esafunda esikhungweni semfundo ephakeme.

Owine indondo yomshayeli wetekisi ohamba phambili kwabesilisa uTau Mahlare (30) wase-Sekhukhune obemele iNhlangano yamaTekisi i-Apel.

URadzilani uthe lo mncintiswano kuhloswe ngawo ukuthuthukisa ulwazi, amakhono kanye nendlela abashayeli abaziphatha ngayo nokuthi uthuthukise izinga lokushayela izimoto.

“Sisebenzisa lo mncintiswano ukwakha amandla embonini, ngoba ukuthuthukiswa kwamakhono kuseyingxenye yesu lethu lokunciphisa amaphutha abashayeli,” esho.

Osesithombeni esingenhla: UNyadzani Rambau ephethe indondo yakhe kanye nesitifiketi

Umthombo wesithombe: Umnyango weMigwaqo nezokuThutha wase-Limpopo

Izihloko zakamuva