Owesibhakela unqabe eyesicoco ngoba efuna ukulwela izwe lakhe i-Ukraine

Dylan Bettencourt

Owayengumpetha wesibhakela kwi-lightweight champion, uVasily Lomachenko, ulaxaze ithuba lokubuyisela amabhande akhe kuGeorge Kambosos Jr. Unqume ukuhlala avikele i-Ukraine ekuhlaselweni yi-Russia.

Owake waba ngumpetha wayebekelwe usuku lokuthi abhekane nempi yokuzama ukubuyisa amabhande akhe, aphucwa lona ngendlela engaqondakali.

Impi ibihlelelwe umhla zinhlanu kuNhlangulana e-Melbourne obekungangabazeki ukuthi izoba ngeyonyaka phakathi kwezimpi ezimbili ezinkulu ze-lightweight.

Umphathi kaLomachenko, u-Egis Klimas ukhulume noKambosos Jr ngoMsombuluko ebusuku ukumazisa ukuthi ikhasimende lakhe ngeke lisabamba iqhaza empini ngoba i-Ukraine imnike imvume yokuhamba ayoziqeqeshela impi.

UKambosos Jr uphendule lezi zindaba ngokudlulisela inhlonipho kuLomachenko, wathi uma sekuphelile ukungqubuzana ezweni lakhe, bazokwenza izinhlelo ezintsha zokwenza le mpi yenzeke.

Umpetha waseMelika we-WBC lightweight uDevin Haney unikezwe indawo kaLomachenko ukuze alwe nompetha.

Ku-tweet uKmbosos Jr ubhale umyalezo ewubhekisa kuLomachenko, wathi: “Ngiyasihlonipha isinqumo sakho futhi ngiyasiqonda ngokuphelele. Ngiyakhuleka kuwe kanye nezwe lakho. Uma sengisule phansi ngoDevin sizoyenza le mpi phakathi kompetha ababili bangempela. Inkosi ikubusise.”

Ekhuluma noHaney ku-tweet uthe: “Wanikezwa impi ezinyangeni ezedlule futhi wadlala. Phakathi naleso sikhathi, owesilisa uVasiliy Lomachenko wenza kwaba lula kakhulu ukwenza konke ukuze kwenzeke futhi kwakuyisivumelwano esenziwe. Kodwa uLoma manje unempi enkulu engiyihlonipha ngokuphelele ngakho ake sibone ukuthi amazwi akho ayiqiniso kangakanani.”

Umgqugquzeli kaLomachenko, uBob Arum uthe uLoma umi phakathi nempi, ebonisa ukwesekwa kwakhe esifundeni sase-Odessa.

“Abase-Russia badubula amarokhethi emikhunjini e-Odessa okuyinto eyingozi kakhulu. Ngokombono kwalokho akwenza kwakhombisa nesibindi esikhulu futhi ngiqonda ngokuphelele ukuthi kungani ekwenzile,” utshele i-Freaks Unite.

Umthombo wesithombe: @TheIndependent

Izihloko zakamuva