Owesibhakela ugwetshwe iminyaka emithathu

Linda Ximba

I-Boxing South Africa ikhiphe isigwebo seminyaka emithathu sokumisa umqeqeshi uMike Sediane kulo mdlalo.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi eshaye umshayisibhakela uJeff Magagane eringini ngemuva kokuthi kuphele impi yakhe yemizuliswano eyishumi ebhekene noSithembiso Maduna eGoli ngomhlaka-31 kuNhlaba.

Lo mqeqeshi wathukuthela wabe eseshaya uMagagane ngezibhakela.

Isigameko esenzeke ejimini yase-Booysens Boxing Club sishiye abaningi abebehambele lo mqhudelwano bebambe ongezansi.

I-Boxing South Africa (BSA) nayo ikhale ngale ndlela yokuziphatha ngemuva kosuku kwenzeke lesi sigameko.

“Isenzo esenziwe uSediane siphambene nomoya ogqugquzelwa i-Boxing Act and Regulations futhi sifake lo mdlalo ehlazweni.

“I-BSA iluthathela phezulu lolu daba futhi okwamanje luyabhekisiswa kanti abathintekayo besibhakela bazokwaziswa ngokuhamba kwesikhathi ngomphumela,” kusho i-BSA ngaleso sikhathi.

USediane ungene ekhasini lakhe laku-Facebook waxolisa ngokuziphatha kwakhe kodwa kuleli sonto umphathi wesibhakela ukuqinisekisile ukuthi umiswe iminyaka emithathu.

“Izinyathelo ezifanele sezithathiwe. UMnu Sediane umiswe iminyaka emithathu. Lokhu akwenza kumabonakude womphakathi (SABC), kubaxhasi kanye nakwabanye abathintekayo bekungenasidingo futhi kuyihlazo kulo mdlalo.”

USediane owayengumshayisibhakela obephinde abengumnikazi we-African Child Events and Promotion, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uyakwamukela ukumiswa.

“Yize kubuhlungu kangaka, kumele ngamukele. Ngixolisile ngempela kwi-BSA kanye nakumshayisibhakela engimshayile. Kusuka manje ngizoqeqesha abashayisibhakela bami ngasese ngoba ngeke ngisishiye isibhakela ngoba sisegazini kimi,” esho.

Izihloko zakamuva