OweRed Bull uphenywa ngezinsolo zokungaziphathi kahle

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Umphathi we-Formula 1 uChristian Horner uyaphenywa ngemuva kwezinsolo zokuphatha  ngendlela engalungile ilungu labasebenzi be-Red Bull.

“Ngiyazichitha lezi zinsolo,” kusho uHorner (50) etshela iphephandaba laseDashi, i-De Telegraaf.

UHorner ubephethe isizini ye-Red Bull futhi wephula irekhodi lanyakenye lapho abawina khona imijaho engu-21 kwengu-22 ngesikhathi uMax Verstappen eba umpetha.

Esitatimendeni ithimba lithe liwathathela phezulu la macala futhi “ngemuva kokwaziswa ngezinsolo zakamuva, inkampani yethule uphenyo oluzimele”.

“Lolu hlelo oseluqalile lwenziwa ummeli wangaphandle onguchwepheshe. Inkampani izithathela phezulu lezi zindaba futhi uphenyo luzophothulwa ngokushesha okukhulu. Ngeke kulunge ukuthi siphawule kabanzi njengamanje. “

UHorner ube umholi weqembu kusukela ngo-2005 wawina imiqhudelwano yabashayeli abayisikhombisa kanye neminye eyisithupha.

Isizini entsha ye-Formula 1 izoqala mhla zimbili kuNdasa e-Bahrain.

Esithombeni esingenhla: UChristian Horner.

Umthombo wesithombe: @fastestpitstop

Izihloko zakamuva