OwePhalamende we-EFF uvinjelwe ukuba yingxenye yomgubho weqembu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-EFF ayisinisi mahleza! Ngesikhathi elinye lamalungu alo lePhalamende lihluleka ukuqasha amabhasi angu-20 okuya emcimbini wokugujwa kweminyaka eyishumi yasungulwa, livalelwe ngaphandle komcimbi langavunyelwa ukungena.

UMnuz Vusi Khoza, owayenguSihlalo we-EFF KwaZulu-Natal uphakathi kwamalungu angu-400 ePhalamende namalungu ePhalamende kanye namakhansela avinjelwa ukuhambela umcimbi wokugubha iminyaka engu-10 ngoMgqibelo ngenxa yokwehluleka kwawo ukuhlanganisa amabhasi azothwala abantu abaya e-Gauteng.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uKhoza uthe iqembu liyalele amalungu ePhalamende ukuthi aqashe amabhasi angu-20 umuntu ngamunye. Amalungu ePhalamende kudingeke ukuthi umuntu ngamunye aqashe amabhasi ayishumi kanti amakhansela acelwa ukuthi aqashe ibhasi elilodwa umuntu ngamunye.

“Ibhasi elisuka eKZN liya e-Gauteng libiza imali elinganiselwa ku-R36 000. Okusho ukuthi bekumele ngihlanganise imali elinganiselwa ku-R800 000 ngamabhasi angu-20,” echaza.

UKhoza uvumile ukuthi uthwale kanzima ukuqasha ibhasi elilodwa, ingasaphathwa angu-20.

“Uma ngikhuluma iqiniso angikwazanga ngisho ukuhlanganisa imali yebhasi elilodwa. Bekumele ngihloniphe imithetho yenhlangano yethu, ngakho ngabukela kumabonakude izinhlelo zokugubha usuku okwasungulwa ngalo iqembu njengawo wonke umuntu.”

Amakhansela komasipala abathile eKZN nawo awakwazanga ukuya ngoba ehlulekile ukuqoqa imali.

“Bekunzima kakhulu njengoba siholelwa imali elinganiselwa ku-R14 000 ngumasipala ngakho besingenayo indlela yokuxhasa lolu hambo,” kusho ikhansela elingathandanga ukudalulwa.

“Kwakulula ukuqasha amabhasi ngesikhathi singamaphini ezimeya futhi sinobudlelwano ne-IFP. Abaholi bayo bebesilekelela ngezokuthutha njalo uma sifuna ukuyisa abantu emibuthanweni ye-EFF.”

UNobhala we-EFF eKZN, uMnuz Nkululeko Ngubane uthe kuyichilo ukusebenzisa izaba zokwesekwa yi-IFP.

“Kumele sigxile ekuphumeleleni komgubho, labo abathi bebesekwa yi-IFP baqamba amanga,” kusho uNgubane.

“I-IFP ibhekene nenkinga yayo yokuxosha umengameli wayo. Mhlawumbe asibavumele bagxile kwezabo izindaba. Iqembu lisenkingeni. [Umengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa] kufanele axoshe laba bantu abahlela ukumketula esikhundleni sokusiza i-EFF.”

I-EFF inikeze amalungu ayo izinyanga eziyisithupha ukuthi aqashe amabhasi bese ikhokhela nabalandeli bayo ukuthutha abantu baye enkundleni yezemidlalo i-FNB kulo mgubho.

Esithombeni esingenhla: Ilungu le-EFF ePhalamende uVusi Khoza wavinjwa ukuba ahambele umcimbi wokugubha iminyaka engu-10.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva