Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UThanduxolo Mathumbu (24) waseBizana e-Eastern Cape udinga usizo ukuze afeze iphupho lakhe lokuyokwenza izifundo zobunjiniyela phesheya kwezilwandle.
Unomfundaze wokuyofunda e-Romania kodwa udinga ithikithi lendiza ukuze afike lapho.
Uxoxe ngodaba lwakhe ne-Scrolla.Africa, wathi ubengomunye wabafundi abaphume phambili ngonyaka odlule eBaleni Senior Secondary School.
“Ukuqokwa ukuyofunda phesheya akuvamile, futhi angifuni ukuphuthelwa yileli thuba. Yingakho ngicela usizo ngethikithi lendiza,” kusho uThanduxolo.
“Ithikithi libiza ngaphezu kuka-R15 000, okuyimali eningi, kodwa ngikholwa ukuthi ngingafika khona.”
Kulindeleke ukuthi alifulathele elakuleli ngomhlaka-2 kuMandulo.
Yize uThanduxolo ekhulele emaphandleni futhi ephuma emndenini ompofu kodwa akayekile ukuphupha ngempumelelo yakhe.
“Ukuya e-Romania akuyona nje into enhle kimina. Iphinde ikhombise izingane zaseNingizimu Afrika ukuthi akumele ziphele amandla. Lokhu angenzeli mina kuphela. Kuzogqugquzela izingane ezisafunda ukuthi zisebenze ngokuzikhandla ngoba ukusebenza kanzima kungakubeka ezindaweni obungazicabangi,” kusho uThanduxolo.
“Umalume ongikhulisile, ngiyazi ukuthi ukuya phesheya kuzomenza aziqhenye.
UThanduxolo unethemba lokuyofunda e-Romania iminyaka emine.
ULuyolo Nqabisa, oyisakhamuzi saseBizana, ukholelwa ukuthi abantu abafana noThanduxolo kumele bathole olunye usizo kuhulumeni.
“Ngiyethemba ukuthi uzokuthola ukwesekwa akudingayo. Kodwa uhulumeni wethu kumele ahlinzeke ngezimali abafundi abathola imifundaze kwamanye amazwe, ikakhulukazi uma izwe elisuke lisingethe lokhu likhokhela izinto eziningi,” kusho uLuyolo.
Uma ungathanda ukusiza uThanduxolo ukuthi afeze iphupho lakhe, xhumana naye kuWhatsApp: 071 730 5858.
Esithombeni esingenhla: UThanduxolo Mathumbu waseBizana othole umfundaze wokuyofunda e-Romania kodwa akakwazi ukukhokha imali yendiza futhi ucela iminikelo.
Umthombo: Sithunyelwe
