OweMorocco wenze izaba beshaywa iBafana

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi we-Morocco uWalid Regragui ukuvikele ukuhlulwa kweqembu lakhe iBafana Bafana wathi abadlali bakhe bebegxile ekhefini lokuphela kwesizini.

I-Atas Lions ihlulwe ngo 2-1 iqembu likaHugo Broos emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations yakulo nyaka enkundleni yezemidlalo i-FNB, ngoMgqibelo.

Njengoba iningi labadlali emhlabeni wonke sebevele besekhefini lesizini, uRegragui ukholelwa ekutheni abadlali bakhe bebegxile ekhefini yingakho benganikelanga ngakho konke.

“Sihalalisela iBafana Bafana ngokuwina ekhaya,” kusho uRegragui kwabezindaba.

“Badlale kahle kakhulu ngomfutho nangomoya omuhle. Sidlale ngomfutho ophansi esiwombeni sokuqala. Unozinti wethu wenze amaphutha.

“Usize izimbangi ngokuzinikeza ithemba. Siphinde sanika izimbangi inqwaba yamathuba nokuyinto engajwayelekile kuleli zinga.

“Kodwa njengoba ngike ngasho phambilini, anginandaba nokuhlulwa imidlalo emibili noma emithathu ngaphambi kwe-Afcon. Abadlali bami bebengagxilile emidlalweni izingqondo zabo bezisekhefini futhi ngijwayele ukukuqonda lokho.”

Umphumela wangoMgqibelo uguqule izinto kwiBafana ehlulwe ngo 2-1 ekuhambeni e-Morocco kowandulela owamanqamu ezinyangeni ezingu-12 ezedlule.

Kodwa-ke, uRegragui ukholelwa ekutheni elakuleli belifanele ukuwina.

“Ngicabanga ukuthi ngesiwombe sesibili sibe nomfutho futhi sibe namathuba amaningi kodwa iBafana Bafana bekufanele iwine iphinde ihalaliselwe,” kusho lo mqeqeshi owake waqeqesha i-Wydad Casablanca.

“Ngifunde lukhulu ngalo mdlalo njengoba sishintshe abadlali abaningi. Okubalulekile manje ukululama njengoba ngoMandulo sizobe siqala ukulungiselela i-Afcon ezobe ise-Ivory Coast.”

Okwenza ukuwina kube yinto ebaluleke kakhulu kuBafana ukuthi ihlule iqembu elihlule i-Brazil ngo 2-1 emdlalweni wobungani wamazwe ngamazwe ezinyangeni ezintathu ezedlule.

Esithombeni esingenhla: Bafana Bafana vs Morocco

Umthombo wesithombe: Royal Moroccan Football Federation

Izihloko zakamuva