Dylan Bettencourt
Umdlali wasemuva we-Manchester City uBenjamin Mendy usolwa ngokudlwengula abesifazane abathathu ngobusuku obubodwa ephathini eyayisendlini yakhe eyisithabathaba, ngokusho eNkantolo.
Umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala nomngani wakhe basolwa ngokudlwengula laba besifazane emzini wakhe.
Izisulu ezimbili zichaze ukuthi zazingakwazi ukuphunyuka noma ukubaleka endlini kaMendy ngoba iminyango yayivaliwe ngokusho kwe-The Times.
Lo mdlali wasemuva wase-France ubhekene namacala ayisishiyagalombili okudlwengula, elokuzama ukudlwengula nelokuhlukumeza ngokocansi.
Uyawaphika wonke amacala.
Lowo osolwa noMendy, uLouis Saha Matturie uyawaphika amacala ayisishiyagalombili okudlwengula namane okuhlukumeza ngokocansi. Abesifazane ababili kuthiwa badlwengulwe yibo bobabili.
Ngosuku lokuqala lwecala likaMendy iJaji latshelwa ukuthi umsebenzi kaSaha kwakuwukuthola abesifazane abasebasha waphinde wakha amasu okuthi bazodlwengulwa kanjani laba besifazane abasebasha.
Esinye sezisulu sithe sikhumbula sisendaweni yokubhukuda ngesikhathi sephathi futhi okunye ukhumbula ehleli kusofa osendlini yokuphumula.
Usole uMendy ngokuthi wamtshela ukuthi anganyakazi. USaha usolwa ngokudlwengula lona wesifazane.
UTimothy Cray umshushisi utshele iNkantolo ukuthi laba bobabili shuthi babehlosile ukuthola abesifazane abaneminyaka engu-17 babadakiswa kangangokuthi abazikhumbuli nhlobo lezi zigameko abasakhumbuli ukuthi babelele noma babevuka ebuthongweni.”
UMendy owine i-Fifa World Cup kukholakala ukuthi ubekhokhela ifulethi lalabo asolwa nabo.
UCray wengeze ngokuthi leli cala alihlangene kakhulu nebhola, kodwa limayelana nodaba olubanzi lwabesilisa abasizakala ngabesifazane.
“Abesilisa badlwengula futhi bahlukumeza abesifazane ngokocansi ngoba becabanga ukuthi banamandla futhi becabanga ukuthi bangakwazi ukubalekela lokho,” kusho ummeli.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian