Lucky Sithole
UFrancois Pienaar waba ngundabamlonyeni ngo-1995 ngesikhathi engukaputeni weqembu lebhola lombhoxo lamaBhokobhoko elanqoba iNdebe yoMhlaba.
Isithombe sikaNelson Mandela, egqoke ijezi lamaBhokobhko lenombolo yesithupha, enikeza uPienaar indebe, kuze kube namuhla leso ngesinye sezithombe ezigqamile emlandweni webhola lombhoxo. Engxoxweni abanayo ngemuva komdlalo, uPienaar wathi, “Asikwenzelanga abalandeli abangu-60 000 e-Ellis Park, sikwenzele abantu baseNingizimu Afrika abangu-40 million”.
Kodwa cishe impikiswano yangena ngaso leso sikhathi.
Ezinsukwini ezimbalwa nje ngemuva komdlalo, uMengameli webhola lombhoxo uLouis Luyt wakhuluma kabi ukuthi babengekho ompetha bomhlaba bangempela kwiNdebe yoMhlaba yango-1987 nango-1991 ngoba iNingizimu Afrika yayingekho.
“INingizimu Afrika yaba ngompetha bokuqala bomhlaba,” usho kanje.
Ngokungamangazi uSean Fitzpatrick wahola iqembu lase-New Zealand ngesikhathi bephuma egumbini lokudlela. Uma ngibheka emuva, kungenzeka ukuthi lokho kwaba ukuqala kokuphela kwaleso sikhathi somlingo emdlalweni wombhoxo wamaBhokobhoko.
Umqeqeshi uKitch Christy, owake wenza izimanga neqembu lamaBhokobhoko ngaphambi kweNdebe Yomhlaba, wayesevele egula kakhulu ngaphambi komqhudelwano futhi wayesethathe umhlalaphansi, futhi ngokushesha ibhola lombhoxo lamaBhokobhoko lawela ezandleni zabanye babaqeqeshi bebhola lombhoxo ababi kakhulu emlandweni wombhoxo wamazwe ngamazwe.
Ayikho incwadi yezemidlalo eyake yaba nesihloko esingcono kunencwadi kaCorné Krige ngokuba ukaputeni wamaBhokobhoko. Ukuba endaweni efanele ngesikhathi esingafanele kuchaza kahle isikhathi sakhe nabaqeqeshi abafana no-Andre Markgraaff, uCarel du Plessis, uHarry Viljoen kanye noRudolph Straeuli, nomqeqeshi ohlakaniphile uNick Mallet oqede umsebenzi wakhe ngendlela enezimpikiswano.
UFrancois Pienaar waziqhelelanisa neziphathimandla zebhola lombhoxo eNingizimu Afrika ngemuva kwenyanga kuphele iNdebe yoMhlaba.
Indoda enesizotha, ezithobile eyahola amaBhokobhoko kwiNdebe yoMhlaba, yawamukela umqondo wobungcweti.
Izinsolo zokuthi uthanda imali ngaphezu kwebhola lombhoxo zazidlangile.
UPienaar wanxenxa abadlali abaningi bamaBhokobhoko ukuthi basayine kwi-World Rugby Corporation. Nakuba lokho kwakuwukuqala kwebhola lombhoxo elikhokhelwayo, ngenxa yobunzima bakhe uPienaar walaxazwa njengokaputeni wamaBhokobhoko ngu-Andre Markgraaff.
Abanye abaphathi bebhola lombhoxo bakuleli nabaphesheya, abahlezi ezwini elilodwa, baze bambiza ngexoki, hhayi nje kwibhola lombhoxo kodwa kuzwe lonke.
UPienaar uvalelise kumkhakha webhola louMbhoxo wase-Ningizimu Afrika ngesitayela esihle. Njengomqeqeshi wabadlali be-Saracens ubaholele ezingeni eliphezulu futhi wazakhela igama njengosomabhizinisi webhola lombhoxo.
NgoLwesithathu olwedlule, umnikazi we-Saracens uNigel Wray, owaqasha uPienaar njengomdlali ngo-1996, wavuma ukudayisela iKimono House, inhlangano yabatshalizimali uDominic Silvester, uNeil Golding, uNick Leslau, uPaul O’Shea, uMarco Masotti, kanye noFrancois Pienaar.
Eminyakeni engu-30 edlule owayebizwa njengexoki, namuhla ungumfana wase-Vereeniging owaqeda esikoleni samabanga aphezulu e-Witbank, futhi usenyukele phezulu. Kweminye imibuthano, angahle akhunjulwe njengomuntu obona okusazokwenzeka.
Umthombo wesithombe: @SARugbyMag