Razeen Gutta
Owayengumdlali wama-Sharks uJacques Vermeulen, akakwazi ukubuyela e-UK ngemuva kokuntshontshwa kwe-passport nemoto yakhe eKapa.
Lo mdlali wakuleli uphuthelwe umdlalo wokuqala we-Exeter Chiefs wesizini ye-rugby ye-English premiership ibhekene ne-Leicester ngempelasonto edlule njengoba engakwazanga ukuvuselela iphasiphothi yakhe ngemuva kokugetshengwa.
Amaphepha adingekayo ukuze kuvuselelwe i-passport yakhe antshontshiwe kanti manje sekuvela imibiko yokuthi u-Exeter kudingeke ukuthi angenelele ukuzama ukuhlela i-visa yezimo eziphuthumayo yomdlali.
UVermeulen ubedlala ngaphansi komqondisi webhola lombhoxo uRob Baxter, e-Exeter futhi uyingxenye yeqembu elikhulu labadlali bakuleli.
Njengoba esanda kusayina owayengumdlali we-Cheetahs u-Aidon Davis, u-Exeter usephinde waba nomgadli uJannes Kirsten futhi bakhiyele uRuben van Heerden ezincwadini zabo bobabili babengabadlali be-Bulls nama-Sharks ngokwabo.
U-Exeter uwine umdlalo wabo wokuqala ngo 24-20, kodwa uzothemba ukuthi uVermeulen uzobuyela ekuzilolongeni maduze nje. Namanje akwaziwa ukuthi uzobuya yini emdlalweni wabo wesibili ne-Worcester ngeSonto.
Umthombo wesithombe: @RugbyAddict