Owelepolitiki usolwa ngokukhomba uzakwabo ngesibhamu

Celani Sikhakhane

Usihlalo wesikhashana we-ActionSA KwaZulu-Natal usule esikhundleni ngemuva kwezinsolo zokuthi ukhombe okhulumela isifundazwe ngesibhamu.

Isimo siye sashuba emhlanganweni wesigungu esiphezulu ngoMbasa, usihlalo uMnu Musa Kubheka wagcina ekhiphe isibhamu wakhomba okhulumela isifundazwe uMnu Busi Hadebe.

Imithombo itshele i-Scrolla.Africa ukuthi uKhubheka uke wabandakanyeka ezingxabanweni zeqembu emasontweni andulela lesi sigameko.

“Inkinga iqale ngesikhathi uKubheka engasazwani  nokhulumela lesi sifundazwe uBusi Hadebe,” kusho umthombo utshela i-Scrolla.Africa.

“Bekukubi ngendlela yokuthi emhlanganweni wesigungu esiphezulu sesifundazwe obungoMbasa, uKubheka uvele wathukuthela wakhipha isibhamu sakhe phakathi nomhlangano wakhomba uHadebe.”

UKubheka uqokwe ngoNhlolanja ngemuva kokuthi kuxoshwe uDkt Makhozi Khoza ngoZibandlela kanti manje ushiya uphiko leqembu kulesi sifundazwe ezinxushunxushwini.

Amalungu asole uKhubeka ngokwehluleka ukukhulisa iqembu.

Baphakamise ukuthi asule yena wabaphendula ngokuthi uzokwehlela esikhundleni sokuba uSihlalo wesikhashana.

Vele leli qembu selihlakazekile esifundeni seTheku ngenxa yombango wangaphakathi.

UKubheka uzichithile lezi zinsolo, watshela i-Scrolla.Africa ukuthi uqale wanquma ukusula ngenxa yezizathu zakhe kodwa wabuye waveza ukuthi impilo yakhe isengcupheni, njengoba kukhona abaholi abangamfuni njengomholi wesifundazwe.

“Baze baqamba amanga bathi ngikhombe elinye ilungu ngesibhamu angazi ngempela ukuthi kanjani ngoba ngingumfundisi anginasibhamu. Lona umkhankaso walabo abasasebenzisana noDkt Makhosi Khoza.” kusho uKubheka.

UHadebe akatholakalanga ukuba aphawule. Ukuqinisekisile ukuthi usasengumholi wekhokhasi yeqembu njengekhansela kumasipala weTheku.

Okhulumela leli qembu uLerato Ngobeni ukuqinisekisile ukuthi ithimba eliphethe imisebenzi ephezulu yomthetho liphenya izinsolo zokuthi kunelungu elikhonjwe ngesibhamu kodwa ngeke aphawule.

Uthe uKubheka watshela iqembu ukuthi wesula ngenxa yezizathu zomndeni.

Izihloko zakamuva