Owekhilikithi ukhala ngokungaziphathi kahle kwabalandeli

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UVirat Kohli wase-India uzwakalise ukuphoxeka ngemuva kokuthi abantu angabazi bezithwebule behamba ehhotela labadlali bekhilikithi e-Perth, e-Australia.

UKohli obuyele efomini edlalela i-India ukuze awine imidlalo yeNdebe yoMhlaba ye-T20 bedlala ne-Pakistan kanye ne-Netherlands, usale ecasukile ngesikhathi efaka le vidiyo ekhasini lakhe laku-Instagram. Ividiyo ibinebinzana lamagama athi “King Kohli’s Hotel Room” futhi ibikhombisa nezimpahla zomdlali wekhilikithi.

Lo mdlali (33) uthe ukubonga kakhulu ukuthi abalandeli bayakujabulela ukuhlangana namaqhawe abo, kodwa wengeza ngokuthi “akaphathekile kahle” ngale ndlela abenze ngayo “yokushisekela”.

“Ngikuyaqonda ukuthi abalandeli bajabula kakhulu futhi bayakuthokozela ukubona abadlali ababathandayo futhi bayakuthokozela ukuhlangana nabo kanti ngikwazisa kakhulu lokho. Kodwa le vidiyo elapha iyashaqisa futhi ingenze ngazizwa nginokudideka okukhulu mayelana nobumfihlo bami,” esho ekhasini lakhe laku-Instagram.

“Uma ngingakwazi ukuba nobumfihlo egumbini lami lasehhotela, pho ngizobuthola kuphi ubumfihlo ngempela? Angikho kahle ngalolu hlobo lokushiseka ngokweqile kanye nokungena ngokuphelele ebumfihlweni bami. Ngicela nihloniphe ubumfihlo babantu futhi ningabaphathi njengezinto zokuzijabulisa,” engeza.

I-Crown Perth, okuyihhotela iqembu lekhilikithi lase-India ebelihlala kulo emdlalweni wabo bebhekene namaProteas, likhiphe isitatimende lixolisa ngesenzo sosonkontileka babo futhi liqinisekisile ukuthi abasebenzi abathintekayo sebexoshiwe.

“Siyaxolisa ngokungadaluli isivakashi esithintekayo futhi sizoqhubeka nokuthatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi lesi sigameko siyabhekelelwa,” kufundeka isitatimende.

“Abantu abathintekayo bamisiwe futhi bakhishiwe kwi-akhawunti yase-Crown.”

Umthombo wesithombe: @imVkohli

Izihloko zakamuva