Owekhilikithi ukhala ngezibazi ezashiywa ubandlululo

Dylan Bettencourt

Umdlali wamaProteas uLungi Ngidi ukholelwa ukuthi elakuleli kumele libhekane nenkinga yokucwasa ngokwebala esabalele kunokuthi liyizibe.

UNgidi uke wathola indondo yomdlali ovelele wekhilikithi wonyaka wakuleli waphinde waba eqenjini elawina i-Indian Premier League (IPL) kabili.

Kodwa zikhona izindaba abazali bakhe abamxoxela zona ezahlala kuye kuze kube yimanje.

“Ubaba wayesebenza egalaji likaphethiloli kodwa ikhasimende elimhlophe lalingamniki imali esandleni sakhe. Laliyilahla phansi,” etshela i-The Guardian.

“Angicabangi ukuthi ngiyoke ngiyikhohlwe leyo ndaba. Ukuze ubaba aqhubeke nempilo engathi konke kuhamba kahle kwakudinga isibindi futhi iyona indlela abangikhulise ngayo. Izindaba ababexoxa ngazo zazivula amehlo futhi zibuhlungu ukuzizwa, ngoba lezo zibazi azipholi.”

UNgidi namaProteas bazoqala uhambo lwabo oluya eNgilandi ngoLwesibili ngemuva kokudlala uchungechunge lwabo bedlala ne-India ngoNhlangulana.

AmaProteas ngokwawo abhekane nezimpi eziningi zokucwasa ngokwebala, njengoba uNgidi ngo-2020 wabuzwa ukuthi iqembu lizoyisekela yini inhlangano ye-Black Lives Matter kulandela ukubulawa kukaGeorge Floyd eMelika.

“Impela lokhu into engikholwa ukuthi sizoyikhuluma njengeqembu futhi uma kungenjalo into engizoyiveza. Kuyinto okufanele siyithathele phezulu njengoba yenziwa umhlaba wonke,” kusho yena esithangamini nabezindaba.

“Kumele sisukume. Njengesizwe nathi sinomlando mayelana nokucwasa ngokwebala.”

Amazwi kaNgidi awazange abaphathe kahle abanye abantu bakuleli abavele bahlasela lo mdlali ku-inthanethi bengeza ngokuthi yena neqembu lakhe kufanele bathembise ukweseka abalimi abamhlophe ezweni.

“Ngimangale kakhulu ngoba angizange ngiqonde muntu. Angizange ngihlasele muntu. Kodwa ngiyawuqonda umlando wezwe lethu futhi ukucwasa ngokwebala kuyinto engaphakathi kuleli okumele isukunyelwe,” esho ngesikhathi ephendula.

I-Cricket South Africa yethule izigcawu zayo zokulalela ubulungiswa bezenhlalakahle mayelana nokucwaswa ngokobuhlanga lapho okwabelwanwe khona ngemibiko eminingi yokucwasa ngokwebala eqenjini. Lokhu kuholele ekutheni kumiswe umqondisi nowayengukaputeni uGraeme Smith.

“Ukuba nalezi zingxoxo ezingakhululekile iyona ndlela yokuqhubekela phambili. Ukuziba izinto akusizi muntu,” kusho uNgidi.

AmaProteas aguqe ngedolo okokuqala ngqa ngemuva kweminyaka emibili kwaqala i-Black Lives Matter Movement  ngaphambi komdlalo weNdebe Yomhlaba ye-Twenty20 bedlala ne-West Indies.

Umthombo wesithombe: @SACricketMag

Izihloko zakamuva