Owekhilikithi engcupheni yokuyeka umdlalo

Dylan Bettencourt

Sekunovalo lokuthi umdlali wekhilikithi wakuleli uMondli Khumalo, angase engabe esakwazi ukudlala lo mdlalo ngemuva kwesigameko sokuhlaselwa esenzeke ngenyanga edlule.

Isimo sakhe sesingcono kakhulu selokhu ashaywa waquleka ngomhlaka-29 kuNhlaba ngesikhathi kunengxabano endaweni yokucima ukoma e-UK.

UKhumalo (20), uhlinzwe ubuchopho kathathu esibhedlela i-Southmead e-Bristol, eNgilandi. Ulaliswe kwi-coma ngemuva kokuhlinzwa kodwa manje usephapheme futhi useyakwazi ukukhuluma.

Lo mdlali wekhilikithi usenenkontileka ne-KwaZulu-Natal Inland Cricket Union.

UbeseNgilandi ngemuva kokwamukela isivumelwano sesikhashana sokudlalela i-North Petherton Cricket Club ngesikhathi ingekho isizini yokudlala kuleli.

Namanje imbangela yalokhu kuhlaselwa ayikaziwa kodwa uKhumalo nozakwabo bebephumile beyojabulela ukuwina umdlalo ngalolo suku.

Imibiko iveza ukuthi owesilisa (27), uvulelwe icala lokulimaza kabi uKhumalo.

Isikhulu se-KZN Inland uJason Sathiaselan uthe kusasekusha kakhulu ukuthi bengaqinisekisa ukuthi izinsuku zikaKhumalo zekhilikithi seziphelile yini.

“Ngokulimala ebuchosheni kungenzeka ukuthi angabe esaba ngumuntu abenguye ekuqaleni, kodwa akukhona lokho esigxile kukho njengamanje. Sifuna nje ukuthi uMondli alulame kuqala abuyele ekhaya, okunye sizobhekana nakho ngokuhamba kwesikhathi,” esho.

“Okugxilwe kakhulu kukho yiwo wonke umuntu njengamanje ukuthi asinde futhi abuye azoba nomndeni wakhe.”

Umama kaKhumalo uthe indodana yakhe iyona yodwa enakekela umndeni.

“Uyena osesibhekile manje. Ubazi ukuthi uma ethola imali kumele asithengele ukudla futhi ubesakhela indlu,” esho.

Kwenziwa imizamo yokumyisa eNgilandi.

Iqembu i-North Petherton liqale umkhankaso woxhaso oluvela kubantu ukusiza umndeni wakwaKhumalo.

Lo mkhankaso usuqoqe imali engu-R440,000 njengoba sekusele amasonto amathathu ukuthi ifinyelele ku-R9.7 million abawuhlosile. I-Cricket South Africa kanye noMnyango wezeMidlalo bazibophezele ukuthi bafake isandla ukuze kufezeke le nhloso.

Umthombo wesithombe: @BBC

Izihloko zakamuva