Owekhilikhithi e-Zim ugonyuluka ngokufumbathiswa

Dylan Bettencourt

UBrendan Taylor owayengukaputeni wekhilikithi e-Zimbabwe, udalule ukuthi ubesenzisa i-cocaine ngemuva kwalokho waphonselwa inselelo yokuthi amukele imali yokugwazelwa ukuze athengise imidlalo.

UTaylor uvumile ukuthi wafumbathiswa imali engu-R226,000 ebivela kusomabhizinisi wase-India ukuze adayise imidlalo eminingi.

Ubhale ekhasini lakhe laku-Twitter wathi “I-ICC (i-International Cricket Council) ithatha isinqumo sokungimisa iminyaka eminingi kwikhilikithi yamazwe ngamazwe”.

Lo mdlali  uthe lesi sigameko senzeka ngesikhathi usomabhizinisi emcela ukuthi bazoxoxa ngoxhaso kanye nokwethulwa komqhudelwano we-T20 e-Zimbabwe. Uthe watshelwa ukuthi uzokhokhelwa imali engu-$15 000 (u-R230 000) ngokusebenzisana nabo.

UTaylor oneminyaka engu-35 ubudala uvumile ukuthi wayekungabaza ukuthatha imali ngaleso sikhathi. Kodwa-ke, uthe wagcina engenile esilingweni ngoba isiphakamiso safika ngesikhathi iqembu lesizwe lekhilikithi lase-Zimbabwe lingabaholeli izinyanga eziyisithupha futhi kwakukhulunywa ngokukhathazeka ngekusasa likaTaylor kwezemidlalo.

Wengeze ngokuthi wabhema i-cocaine nalowo somabhizinisi kanye nozakwabo abambalwa ngesikhathi beyozijabulisa ngobunye ubusuku.

“Ngaba yisiwula futhi ngalingeka,” esho.

“Ngakusasa ekuseni, wona lawo madoda angena egumbini lami lasehhotela angibonisa ividiyo yami yangobusuku obedlule ngibhema i-cocaine. La madoda angitshela ukuthi uma ngingabafaki emidlalweni yamazwe ngamazwe, ividiyo izokhishwa ukuthi ibonwe umphakathi,” kusho uTaylor esitatimendeni sakhe.

Lowo owayengukaputeni, owesula esikhundleni sakhe ngonyaka odlule, uvumile ukuthi kumthathe izinyanga ezine ukubika lesi sigameko kwi-ICC.

“Ngiyavuma ukuthi lokhu kuthathe isikhathi eside kakhulu, kodwa bengicabanga ukuthi ngizokwazi ukuvikela wonke umuntu, ikakhulukazi, umndeni wami,” esho. 

Lo mdlali oshaya ibhola ongowesibili kwabashaye amagoli amaningi esizweni sakubo, uthe uzokwamukela noma yikuphi ukumiswa azonqunyelwa khona .

UTaylor uchithe iminyaka engu-17 neqembu lesizwe lase-Zimbabwe, washaya irekhodi leminyaka engu-11 kuma-One Day Internationals angu-205.

Waphumelela ngendlela efanayo emidlalweni yokuhlola, eqopha amakhulu ayisithupha emidlalweni engu-34 kuphela – emakhulwini amahlanu kuphela ngemuva kwerekhodi eliphethwe u-Andy Flower.

Umthombo wesithombe: @TheHerald

Scrolla World Cup Quiz