
Dylan Bettencourt
Umdlali wegalofu wakuleli uCharl Schwartzel uwinile emqhudelwaneni wokuqala we-LIV Gold Invitational.
Lo mqhudelwano omusha onempikiswano, osungulwe i-Saudi Arabia, uhlangabezene nokugxekwa okubizwa ngokuthi ukushintsha imidlalo. I-Saudi Arabia inerekhodi elibi lamalungelo abantu.
Iningi labadlali begalofu abadume kakhulu bajoyine lo mqhudelwano njengoba imali yomklomelo ibinkulu kakhulu.
“Inguquko yegalofu isifikile,” kusho isikhulu esiphezulu se-LIV Golf uGreg Norman ngemuva komdlalo ngoMgqibelo.
USchwartzel, waseGoli, uwine imali engu-R75-million, okuyinto emthathe iminyaka emine ukuthi ayithole emqhudelwaneni we-PGA.
Lo mqhudelwano wasungulwa yisikhwama somnotho esizimele sase-Saudi Arabia njengabanikazi bamasheya amaningi.
Kodwa-ke, lo mqhudelwano uthathwe njengonempikiswano njengoba i-Amnesty International isola abahleli “ngokushintsha ezemidlalo” – umzamo wokusebenzisa ezemidlalo ukuphazamisa irekhodi labo elishaqisayo lamalungelo abantu.
I-Saudi Arabia isanda kusebenzisa isigwebo sentambo kanti sekubulawe abantu abangu-81 ngosuku olulodwa ngoNdasa.
Abesifazane esizweni banamalungelo alinganiselwe ahlanganisa umshado, isehlukaniso kanye nelungelo lokukhulisa izingane ngabodwa, ngokusho kwe-Amnesty International.
“Kunobufakazi obuningi bokuthi abathandana nobulili obufanayo, abesilisa nabesifazane abashintshe ubulili bayaboshwa kuleliyazwe,” kusho i-Human Dignity Trust.
Kodwa imiklomelo emikhulu ihehe abadlali begalofu abambalwa abadume kakhulu ukuthi bashiye i-PGA bayodlala emqhudelwaneni we-LIV.
“Angikaze ngicabange nasemaphushweni ami ukuthi singadlalela imali engaka,” kusho uSchwartzel.
“Njengoba nibonile bengidonsa kanzima ngehora lokugcina. Bekunemali eningi kakhulu ebekiwe.”
I-PGA imise amalungu ayo angu-17 unomphela ngokubamba iqhaza emqhudelwaneni osanda kuqalwa.
Umqhudelwano we-LIV ubandakanya abadlali abangu-52, ngokungafani ne-PGA ebandakanya abadlali abangu-72. Imidlalo isakazwa bukhoma ku-YouTube naku-Facebook – lapho okungekho khona izikhangiso ngesikhathi somdlalo.
Cishe bangu-100,000 abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana ababuka umdlalo ku-YouTube.
Umthombo wesithombe: @TheJapanTimes