Lubhalwe nguZukile Majova
I-Black Economic Empowerment isiphenduke uhlelo lokuceba ngokushesha elingasetshenziswa kuphela ngobuhlanga nokuxhumana kwezepolitiki.
Umholi we-Freedom Front Plus uDkt Pieter Groenewald ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa umqulu weqembu e-Heartfelt Arena ePitoli ngempelasonto.
Uthe lokhu kwabiwa kwezinsiza zakuleli zezombusazwe kwabakhethiwe akuhlukile kangako ohlelweni olunonya lobandlululo – olwavumela idlanzana kuphela ukuthola izinsiza zombuso ngaphandle kweningi.
“I-BEE ayisikhona ukuhlomisa abantu abaningi, uhlelo lokucebisa abantu abamnyama. Yilokho okuyikho,” kusho uGroenewald.
“Ngabantu abaxhumene nepolitiki kuphela abathola imihlomulo ye-BEE. I-ANC yakha ubandlululo olusha kuleli, ubandlululo lwalabo ababexhumene nezombusazwe kanye nathi zakhamuzi ezivamile nabakhokhi bentela bakuleli.
“Lelo icala elibhekiswe esintwini uma ukhuluma ngobandlululo. Futhi lolu ubandlululo olusha.”
Ucele izwe ukuthi “lilahle futhi liqede lokhu unomphela.
“Nifuna abantu abangcono kakhulu benze umsebenzi. Futhi uma ungenawo amandla okwenza umsebenzi, uzongibiza njengosomabhizinisi ngemali engingakwazi ukuyikhokhela.”
I-FF Plus ekhule okhethweni lwakamuva manje isiyiqembu lesihlanu ngobukhulu elinamalungu ayishumi ePhalamende. Iphinde yabonakala kakhulu okhethweni lohulumeni basekhaya.
Leli qembu lithole amavoti angu-415,000 okhethweni lukazwelonke lwango-2019 futhi lakhula kakhulu ngemuva kwalokho lathola amavoti angu-550,000 okhethweni lomasipala. Lokhu kusho izihlalo ezingu-221 emikhandlwini ezweni lonke.
UGroenewald unxuse ukuthi kuxegiswe ukubamba kwe-Eskom kugridi kazwelonke ukuze kuvunyelwe abanikazi abaningi bezinkampani ezizimele ukuthi banikeze ezinye izinhlobo zamandla kagesi.
Kweminye imikhankaso yokhetho, umholi we-UDM uBantu Holomisa wethule umqulu weqembu lakhe e-Gallagher Estate e-Midrand.
I-EFF yethule umqulu wayo eGoli e-Soweto kanti uDkt Mbuyiseni Ndlozi ukhethwe njengoNdunankulu wayo esifundazweni esicebe kakhulu.
Iqembu likaMnuz Jacob Zuma, uMkhonto Wesizwe (MK) libhekise amabombo eMgungundlovu ngeSonto ngemuva kombhikisho wokulethwa kwezidingo ngoMgqibelo ezitaladini zaseThekwini.
I-ANC iye eMpumalanga lapho ekhangise khona ngeZangoma ebezihlanganisa amandla okhokho base-Afrika ukusiza iqembu ukuthi linqobe okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba.
I-IFP ezokwethula umqulu wayo wokhetho enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini, mhla ziyishumi kuNdasa ibilokhu igqugquzela ukwesekwa ezifundeni ezahlukene KwaZulu-Natal.
Leli qembu lingaphansi kwengcindezi yokukhombisa ukuthandwa kwalo ngabavoti abasezindaweni ezimaphakathi emadolobheni ngemuva kweminyaka lithathwa njengeqembu lamaZulu eligxile emfuleni uThukela.
Esithombeni esingenhla: Umholi we-FF Plus uDkt Pieter Groenewald ngesikhathi kwethulwa umqulu wokhetho weqembu e-Heartfelt Arena, ePitoli ngoMgqibelo.
Umthombo Wesithombe: X