OweComrades usekulungele ukungenela oweTwo Oceans  

Lubhalwe nguThathe Msimango

UBongumusa Mthembu osewine i-Comrades Marathon amahlandla amathathu usakholelwa ukuthi usenakho okudingekayo ukungenela umjaho we-ultra marathon.

Lokhu kubonakale ngoMgqibelo ngesikhathi egcizelela isimo sakhe njengomunye wabasubathi abahamba phambili be-ultra Marathon ngokunqoba ngokunethezeka umjaho we-Om Die Dam ka-50 km esikhathini esingamahora amabili nemizuzu engu-56 imizuzwana engu-33. Isikhathi sakhe sokunqoba sishesha cishe imizuzu emithathu kunomuntu ophume isibili.

Umsubathi oneminyaka engu-39 ubudala we-Arthur Ford Running Club, uthi lo mjaho umsiza ukuthi alungiselele i-Two Oceans Marathon ehlelelwe umhlaka-15 kuMbasa eKapa.

“Ngizizwa ngijabule ngokuthi ngikwazile ukuwunqoba lo mjaho. Inhloso yami bekuwukuthola umjaho omuhle ukuze ngizihlole ukuthi ngikulungele yini ukuziphonsa kwi-Two Oceans okuwumjaho ozokwenzeka esikhathini esingaphansi kwenyanga,” kusho uMthembu, odle umhlanganiso ka-2019 we-Two Oceans.

“Lo mjaho unomzila onzima ngakho ikhona kanye ebengikudinga. Ngingasho ngokuqiniseka ukuthi ngisesimweni esikahle sokungenela umqhudelwano wosuku lwabasubathi abahamba phambili. Angifuni ukuthembisa okuningi, kodwa ngokuziqeqesha engikwenzile nginethemba lokubonisa imiphumela emihle.”

Njengoba i-Comrades yalo nyaka ihlelelwe ukuthi ibe enyangeni kaNhlangulana kubukeka sincane isikhathi sokuziqeqesha uma esephuma kwi-Two Oceans, kodwa uMthembu unethemba lokuyenza yomibili imijaho. Owanqoba i-Comrades ngo-2018 uthi umjaho oyingqophamlando phakathi koMgungundlovu neTheku usenhliziyweni yakhe.

“Lo umjaho ungenze ngaba umsubathi enginguye namuhla. Ngakho-ke, ngiziphosele inselelo kwesinye isicoco kulo nyaka. Ngabe nginakho yini okudingekayo ukuze ngiphinde nginqobe isicoco? Ngicabanga ukuthi zonke lezo zimpendulo zizophenduleka emgwaqeni. Ngizovumela imiphumela izikhulumele yona.”

Isithombe esingenhla: UBongumusa Mthembu

Umthombo wesithombe: I-Pinecrest

Izihloko zakamuva