Owebhola uvuma elokuhlukumeza ikati lakhe

Dylan Bettencourt

Umdlali wasemuva we-West Ham United uKurt Zouma ulivumile icala lokukhahlela nokushaya ikati ngempama eNkantolo yeMantshi yase-Thames ngoLwesibili.

Umsolwa oneminyaka engu-27 ubudala wathwetshulwa ngumfowabo uYoan ekhahlela futhi eshaya elinye lamakati akhe ngempama kwividiyo eyasabalala ngoNhlolanja.

Kulandela ukucasuka komphakathi uZouma waphoqeleka ukuthi axolise ngokuhlukumeza leli kati. Umfowabo uvumile ukuthi unecala elilodwa ngesikhathi kuqulwa icala.

Lo mdlali wasemuva we-Premier League ubekwe amacala amabili okudala ukuhlupheka okungenasidingo ekatini lakhe ngokulikhahlela esiswini nokulishaya ekhanda.

Lo mdlali uphinde wabekwa icala lokwehluleka “ukuvikela ikati ezinhlungwini ekuhluphekeni, ekulimaleni noma ezifweni.”

UYoan odlalela iqembu elingekho kuligi i-Dagenham & Redbridge ubekwe amacala amabili ngemuva kophenyo lwe-Royal Society for the Prevention of Cruelty to Animals (i-RSPCA).

Umsolwa oneminyaka engu-24 ubudala ubhekene namacala amabili “okusiza, ukuxhasa, ukweluleka noma ukugqugquzela” umfowabo ukuze ahlukumeze ikati lakhe.

I-RSPCA ngoNdasa yathi ikwazile ukushushisa laba dlali.

INkantolo ithe uZouma usevumile ukuthi amakati abuyiselwe ekhaya.

UZouma uhlawuliswe umholo wamasonto amabili isamba sika-R5 million wabe esehoxiswa ngabaxhasi abambalwa okuhlanganisa ne-Adidas. Le nhlawulo inikelwe ezinhlanganweni eziningi ezihlukene zezenhlalakahle yezilwane.

Ngokusekelwe emacaleni okuhlukunyezwa kwezilwane uZouma abhekene nawo angase achithe iminyaka emihlanu ejele lase-United Kingdom.

Unkosikazi wakhe uSandra usebenza njengomphathi wephrojekthi enhlanganweni esiza amakati amakhulu ahlukunyeziwe uZouma ayinxusa layo.

Umfowabo akakaze abonakale eqenjini lakhe kusukela mhlaka-29 kuMasingana.

Icala lihlehliselwe uNhlangulana.

Umthombo wesithombe: @TheNational

Izihloko zakamuva