Owebhola utholwe enecala lokushaya intombi yakhe

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ngabe isigebengu esilahlwe icala singavunyelwa ukuphephezelisa ifulegi lakuleli ngokugqoka imibala yesizwe?

Lesi isimo esibucayi esilethwe kwi-South African Football Association ngemuva kokulahlwa icala komdlali weBafana Bafana uThembinkosi Lorch ngokushaya intombi yakhe ngo-2020.

Ukutholwa kwakhe enecala lokushaya ngenhloso yokulimaza kuyicala elibomvu kuleli futhi ugwetshwe iminyaka emihlanu ejele.

Njengoba ethathwa njengomsulwa kuze kube utholakala enecala, lo mgadli odumile ubelokhu edlalela iBafana nePirates iminyaka emithathu edlule naphezu kophenyo lwamaphoyisa nangemuva kokuqulwa kwecala eNkantolo yeMantshi yase-Randburg.

NgoLwesibili, inkantolo ikubeke kwacaca ukuthi akekho ongaphezu komthetho ngokulahla uLorch ngecala lokushaya intombi yakhe.

ULorch uzogwetshwa ngomhlaka-28 kuNtulikazi kuyona le nkantolo.

Umdlali owathola indondo yomdlali ovelele wesizini ngo-2019 uzoba ngowokuqala eminyakeni yakamuva ukugwetshwa inkantolo yomthetho.

Icala likaLorch lihlobene nesikhalo esafakwa emaphoyiseni ase-Midrand intombi yakhe ngoMandulo ngo-2020 nokuyinto eyaholela ekuboshweni kwakhe waphinde wadedelwa ngebheyili ka-R2 000.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority, uPhindi Mjonondwane uthe uLorch waboshwa mhla ziyisikhombisa kuMandulo ngo-2020.

Intombi yakhe uFundiswa Nokuphiwa Mathithibala yathi ibivakashele uLorch ngesikhathi emshiye kubo eya ezindaweni zobumnandi nomngani wakhe.

UMathithibala wabona ukuthi sekuhlwile wabe esemthumela umlayezo wokuthi ambuyisele ukhiye wemoto yakhe. “Ngesikhathi efika kwaqubuka ingxabano uLorch wavuka umbhejazane wamklinya waphinde wamshaya ngesikhathi emhudula phansi,” kusho uMjonondwane.

Akukacaci noma uLorch uzodonsa isikhathi sakhe ejele noma uzothola esexwayiso nje kwazise izihlabani zebhola eziningi zikwazile ukugwema ukubhadla ejele.

UJustin Shonga wase-Zambia waboshwa e-Midrand ngoNhlaba ngo-2020 ngezinsolo zokushaya intombi yakhe.

Ngo-2018, u-Andile Jali waboshelwa izinsolo zokushaya unkosikazi wakhe uNonhle Ndala.

Ngo-2017, uGeorge Lebese wasolwa ngokushaya nokucekela phansi impahla ngemuva kwezinsolo zokuthi waxabana nentombi yakhe. Icala labuye lahoxiswa.

Ngawo lowo nyaka uThabo Rakhale ngaleso sikhathi owayengumdlali we-Orlando Pirates waboshelwa ukushaya intombi yakhe.

Icala likaRakhale liqulwe eNkantolo yeMantshi yase-Vereeniging ngaphambi kokuthi isisulu sihoxise amacala abethweswe wona.

Esithombeni esingenhla: UThembinkosi Lorch 

Umthombo wesithombe: @OrlandoPirates

Izihloko zakamuva