Owebhola uphumele obala ngobulili bakhe

Dylan Bettencourt

UJake Daniels ungomunye  wabadlali asebephumele obala ngobulili bakhe e-United Kingdom ngemuva kukaJustin Fashanu.

Lo mdlali (17), oqale ukudlala okokuqala eqenjini lebhola lezinyawo i-Blackpool kule nyanga, uthe ukulungele ukuba ngumholi kanye nesibonelo esihle.

“Ngizizwa sengathi sengikulungele ukuxoxa indaba yami. Ngifuna abantu bangazi mina uqobo kanti manje yisikhathi sokuthi ngikwenze lokho,” usho kanje. 

Lo mgadli we-Blackpool uthe waqala ukwazi ngobulili bakhe eneminyaka eyisithupha kodwa wakugcina kuyimfihlo ngoba efuna ukufeza iphupho lakhe ebholeni.

“Sekunesikhathi eside ngicabanga ukuthi kuzomele ngifihle imizwa yami ngoba ngifuna ukuba ngumdlali webhola elikhokhelayo. manje senginguye,” kusho uDaniels.

“Ngizibuze ukuthi kufanele ngilinde ngize ngithathe umhlalaphansi yini ukuze ngiphumele obala ngobulili bami. Akekho omunye umdlali oseqophelweni eliphezulu lapha osephumele obala.”

Leli bhungu linethemba lokuthi isinqumo salo sokuveza ubulili balo sizogqugquzela abanye ukuthi bazizwe sengathi nabo bengakwenza.

“Nginesiqiniseko sokuthi yilokhu engifuna ukukwenza. Uma abanye abantu bengibheka bese becabanga ukuthi: ‘Le ngane inesibindi sokwenza lokhu, nami ngizokwazi ukukwenza,’ lokho kungaba ukuhlakanipha.”

Nyakenye umdlali webhola wase-Australia uJosh Cavallo waba umdlali webhola wesilisa ebholeni elikhokhelayo owaphumela obala ngobulili bakhe.

UDaniels ube ngumdlali webhola wokuqala kusukela lapho ukuveza ubulili bakhe.

Umdlali wokugcina webhola ukuveza ubulili e-United Kingdom, uJustin Fashanu owaphumela obala ngobulili bakhe ngo-1990, owagcina ezibulele.

U-Amal Fashanu, umshana kaJustin, uthe isinqumo sikaDaniels sokuveza iqiniso lakhe siza njengenduduzo enkulu kubadlali bebhola abaningi kuwo wonke amazinga omdlalo abasaphila ngokuyimfihlo ngobulili babo futhi abazizwa bengakwazi ukuphumela obala ngalokho.

Umthombo wesithombe: @SkyNews

Izihloko zakamuva