Owebhola unqamule inkontileka yakhe

Dylan Bettencourt

UMarting Hintergger uphoqeleke ukuthi asule ebholeni eneminyaka engu-29 ngenxa yokugxekwa ngokuhlela umqhudelwano obuzongamelwa usopolitiki wase-Germany. 

Lo mdlali wasemuva wathatha isinqumo sokunqamula inkontileka yakhe ngenxa yezinkinga ayebhekene nazo. 

Lo mdlali ubesalelwe unyaka owodwa kwinkontileka yakhe ne-Bundesliga emuvumele ukuthi anqamule inkontileka yakhe. 

Isimemezelo sikaHintergger sifike ngemuva kwenyanga eyodwa yena nozakwabo kade bebungaza ukuwina isicoco se-Uefa Europa League. 

Ngemuva kwenjabulo yabo yokuwina lo mdlali usize ukuhlela umqhudelwano e-Australia nalowo owayengumlingani wakhe kwezebhizinisi uHeinrich Sickl. 

USickl wazana nosopolitiki  oyilungu leqembu elibusayo futhi wake waba ilungu le-Neo-Nazi ngonyaka ka-1990. 

UHinteregger uthe ubengazi ngomlando womndeni kaSickl. 

“Bengingazi ngomlando wabo nezinto abazenze phambilini mina bengifuna ukubona umqhudelwano uphumelela qha akukho okunye,” kusho uHinteregger. 

“Noma iliphi ibhizinisi elihlanganisa umndeni wakaSickl sizolinqamula ngokukhulu ukushesha kulandela umlando wabo kanti umqhudelwano kaHinteregger sisazowufakela amehlo siwubheke ngemuva kwalokho sikhiphe isinqumo.”

Ngesikhathi evalelisa uHinteregger uthe bese kunesikhathi eside ecabanga ukusula ebholeni kusukela ngesizini edlule ngoba wayengazizwa kahle uma esenkundleni. 

“Ukudlala kwami bese kungangigculisi kanti ukunqoba akusamnandi njengakuqala, kodwa ukuhlulwa ikhona okunzima kakhulu okuzwelayo enhlizweni,”  kwesitatimende sakhe. 

Esitatimendeni sakhe uHinteregger uthi akahambisani nezinto ezibheke eceleni nezingekho emthethweni. 

“Ukuze ngikucacise kahle konke lokhu angivumelani nezinto ezibheke eceleni ezingenabo ubuntu, laba abangaziyo bangazi kahle”.

Umthombo wesithombe: @iNews

Izihloko zakamuva