
Dylan Bettencourt
Ugwetshwe iminyaka emine ebhadla ejele umdlali webhola wase-Spain ngemuva kokutholwa enecala lokuhlukumeza ngokocansi.
USanti Mina odlalela i-RC Celto de Vigo watholakala enecala lokudlwengula owesifazane evenini yokukhempa ngonyaka ka-2017.
Umsolwa oneminyaka engu-26 ubudala uzosiphikisa isinqumo seNkantolo, kodwa uma isicelo sakhe sokudlulisa icala singaphumeleli uzoyiswa ejele.
Umngani kaMina uDavid Godar wabekwa icala lokuba mdibimunye nomngani wakhe ngemuva kokuba kuphakanyiswe ukuthi akazange amvimbe ekwenzeni icala, kodwa lelo cala abekwe lona lahoxiswa.
Bobabili abadlali bebhola bathi lo wesifazane wazivumela ukuzibandakanya ngokocansi.
Ngenkathi uMina ebekwe icala lokuhlukumeza ngokocansi walahlwa icala lokuhlukumeza ngokocansi elihlobene nokusabisa noma udlame olubhekiswe kulowo ohlukunyeziwe.
Lo mdlali wayedlalela i-Valencia ngesikhathi sesigameko kodwa ubuyele eqenjini lakhe i-Celta Vigo. Wamiswa kuleli qembu ngesikhathi sebeqala uphenyo lwangaphakathi ngalesi sigameko.
Isinqumo esenziwe iNkantolo encane singadluliswa eNkantolo Ephakeme yase-Spain.
Umshushisi wombuso ubefuna isigwebo sibe iminyaka eyisishiyagalombili ejele kanti ummeli wesisulu ubefuna iminyaka eyisishiyagalolunye nesigamu ejele nokho iJaji lathi iminyaka emine imufanele njengesijeziso.
UMina usedlale imidlalo engaphezu kuka-150 kwi-Celta phezu kwezinyanga ezimbili egijima neqembu kule sizini futhi ushaye amagoli angu-11 emidlalweni engu-40.
Lesi akusona isigameko sokuqala sokuhlukunyezwa ngumdlali webhola kule sizini. Umgadli we-Manchester United uMason Greenwood usolwa ngokuhlukumeza intombi yakhe. Yize emisiwe iqembu futhi engakabuyi abukho ubufakazi becala elibikiwe emaphoyiseni.
Nomdlali webhola we-Everton uboshiwe kulo nyaka ngezinsolo zokunukubeza izingane ngokocansi. Akukacaci ukuthi ngubani umdlali. Ibheyili yakhe yelulwe izikhathi ezintathu ngemuva kokuboshwa ngomhlaka-16 kuNtulikazi nyakenye.
Owayengumdlali wasemuva we-Manchester City uBenjamin Mendy uboshwe ngamacala ayisishiyagalombili okudlwengula. Akakafiki eNkantolo ukuze kuqulwe icala njengoba ukulalelwa kwecala kuzoqala ngoNhlaba.
Umthombo wesithombe: @NewYorkPost