Owebhola uboshelwe izinsolo zokudlwengula

Dylan Bettencourt

Kuboshwe umdlali webhola we-Premier League e-North London ngezinsolo zokudlwengula.

Umsolwa (29), ongeke adalulwe ngenxa yezizathu zomthetho, uvalelwe esitokisini ngoMsombuluko ekuseni.

Kuthiwa lo mdlali udume umhlaba wonke futhi uphuma ezweni elihlungele iNdebe yoMhlaba. Ubesethubeni lokuqokwa ukuthi adlale kweyoMhlaba yalo nyaka.

“Mhla zizine kuNtulikazi, kubikwe izinsolo zokudlwengulwa kowesifazane (20) emaphoyiseni. Kwabikwa ukuthi izinsolo zokudlwengula zenzeka ngoNhlangulana nyakenye,” kusho amaphoyisa endawo.

Amaphoyisa kaMasipala avule uphenyo ngalesi sigameko.

“Mhla zizine kuNtulikazi, owesilisa (29) uboshwe endaweni yase-Barnet ngezinsolo zokudlwengula, wabe esegqunywa esitokisini lapho ehlezi khona manje.

“Imibuzo mayelana nalesi sigameko isaqhubeka,” kusho isitatimende.

Amaqembu amaningi e-Premier League aqale ukuzilolonga ngaphambi kwesizini ngoMsombuluko njengoba sekusele inyanga ukuthi kuqale isizini yasekhaya.

Izihloko zakamuva