OweBanyana ukhala ngemiholo enganele emaqenjini abesifazane

Nkhensani Mthombeni

Umdlali wasemuva weBanyana Banyana uLebogang Ramalepe, udalule inkinga yemali yokuba umdlali webhola wesifazane kuleli.

Lo mdlali (30) utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuntuleka koxhaso kwenza abadlali bebhola bengakwazi ukuziphilisa kuleli.

URamalepe ubonakale okokuqala eqenjini lesizwe ngo-2014 kodwa uveza ukuthi uqale ukwenza imali eyanele ngesikhathi efudukela phesheya.

“Uma abantu bekubona udlala kumabonakude bacabanga ukuthi konke kuhamba kahle, kodwa akunjalo. Inkinga ukungabi nentshisekelo kwezinkampani ezinkulu ukuxhasa amaqembu ebhola abesifazane akuleli. Kaningi lezi zinkampani zijwayele ukuxhasa iqembu labesilisa ngokwezimali kuneqembu labesifazane,” esho.

URamalepe uchaze ukuthi nakuba kunezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi abadlali bebhola besifazane bakhokhelwa ngokwanele, luselude uhambo okusamele luhanjwe.

“Ambalwa amaqembu akuleli akwaziyo ukukhokhela abadlali nyanga zonke ngenxa yokuswelakala kwemali.

“I-South African Football Association kanye ne-Sasol bebezama ngakho konke okusemandleni abo yonke le minyaka ukuseseka, kodwa uma imali ingangeni, abadlali bahlupheka kakhulu.”

URamalepe ubeseqenjini eliwine i-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) e-Morocco ngenyanga edlule.

Uqhube wathi unethemba lokuthi indlela abadlale ngayo ngesikhathi semidlalo yezwekazi izoheha abaxhasi abaningi.

Eminyakeni emibili edlule ubedlalela i-Dinamo Minsk FC yase-Belarus okuyindawo aseyibiza ngekhaya.

URamalepe, owazalwa wakhulela e-Ga-Maupa ngaphandle kwase-Tzaneen e-Limpopo, uthi ukuwina i-Wafcon kube ukufezeka kwephupho.

Uthe bekungakaze kufike ngisho nasemaphusheni akhe ukuthi uyoke awine lo mqhudelwano ohlonishwayo.

Izihloko zakamuva