URonwen Williams, ongukaputeni weBafana Bafana ubuyele esikoleni sakhe samabanga aphansi ayefunda kuso e-Gelvandale eGqeberha wayonikela ngo-R50 000 nejezi lakhe.
Ecabanga ngesikhathi sakhe esayingane emalokishini lapho aqala khona ukuthanda ibhola uWilliams uchaze ngokukhula kwakhe edlala ibhola ekhaya, okwakuvame ukuholela ekutheni aphule izinto endlini.
Ukuvakasha kukaWilliams kugqugquzelwe ukwenza kahle kwakhe emqhudelwaneni wakamuva we-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Côte d’Ivoire, lapho ikhono lakhe njengo nozinti limenze wakwazi ukubamba amaphenathi amane emdlalweni wama-quarter-final.
Ukugubha lokho, unikele ngejezi lakhe elibomvu ayeligqoke ngalowo mdlalo.
Ekhuluma nabafundi nothisha, uWilliams uthe kubalulekile ukulandela amaphupho akho futhi wancoma isikole sakhe samabanga aphansi iGelvandale ngokubeka isisekelo kwiphupho lakhe eliphumelelayo.
Ezwakalisa ukubonga kuRonald Boggenpoel uThishomkhulu kanye nomqeqeshi wakhe wangaphambili, uWilliams ukhumbule izikhathi zakhe esamncane.
UWilliams uphinde waveza nezinhlelo zokuqhubeka nokweseka lesi sikole ngokuhlela ukwakhiwa kwehholo lesikole nohlelo lwebhola lezinyawo entsheni ngokubambisana neqembu lakhe, iMamelodi Sundowns.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe ngenhla: URonwen Williams.
Umthombo wesithombe: X