Linda Ximba
Umdlali weBafana Bafana uSiyanda Xulu unovalo lokuthi angase alahlekelwe indawo yakhe eqenjini lesizwe uma engalitholi ngokushesha iqembu azolidlalela.
Lo mdlali (30) unqamule inkontileka yakhe neqembu lase-Israel i-Hapoel Tel Aviv ngoNdasa futhi akakwazi ukuthola iqembu elisha.
Njengoba ebuyile ekhaya uziqeqesha neqembu laseThekwini AmaZulu kodwa akuzange kube yinto ebambekayo.
Njengoba encela izithupha ekhaya, isimo sakhe sesenze kwaba nzima ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos amqoke.
“UXulu ushiye iqembu lakhe ngoNdasa kanti bekungeke kube umqondo omuhle ukumqoka emidlalweni yobungani ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene ne-Guinea ne-France ngoba usenesikhathi eside engadlali.
“Bengilokhu ngimbheka ngoba uyilungu elibalulekile leqembu,” kusho uBroos ngoJuni.
UXulu ukhulume ne-Scrolla.Africa ngemuva kokujuluka ezilolonga njengoba eqinisekisa ukuthi uhlezi ewumqemane.
Akakwazanga ukufihla ukukhungatheka kwakhe ngalesi simo.
Owayengumdlali weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns uthe: “Angijwayele ukuhlala isikhathi eside kangaka ngingenaqembu. I-ejenti yami ithi yenza konke okusemandleni ayo. Ebekhona amaqembu angifunayo kuleli kodwa nginomuzwa wokuthi awangifanele.
“Okungikhathazayo iqembu lesizwe. Wenze kahle umqeqeshi ngokungangiqoki, anginankinga nalokho. Ngiyethemba ukuthi kukhona okuhle okuzokwenzeka maduze nje.”
Ngesikhathi i-ejenti yakhe uPaul Mitchell ethintwa naye uzwakale ekhungathekile ngalesi simo.
“Akukho okubambekayo esingakunika uSiyanda. Uma nje kukhona esikuqinisekisayo sizokhipha isitatimende.”
UBroos uzoqoka iqembu lakhe elizodlala ne-Liberia ngonyaka ozayo ngoNdasa kweyokuhlungela i-Afcon.
Umthombo wesithombe: @Goal