OweBafana angase aphuthelwe eyekuhlungela i-Afcon

Menzi Magubane

Kungenzeka umqeqeshi uHugo Broos aphoqeleke ukuthi abheke kwenye indawo ukuze avale isikhala sikakaputeni wakhe weBafana Bafana olimele emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (i-Afcon).

Unozinti ohamba phambili nongukaputeni weqembu lesizwe uRonwen Williams ulimale ehlombe okumenze waphuthelwa imidlalo yakamuva ye-DStv Premiership ku-SuperSport United.

Ngenyanga ezayo iBafana izoqala imidlalo yokuhlungela i-Afcon yango-2023 ngemidlalo ezobe ibhekene kuyo ne-Morocco ne-Zimbabwe. Lena yi-Afcon yokuqala kaBroos.

Lo mqeqeshi odabuka e-Belgium uzothemba ukuthi ukaputeni wakhe uzobe ekulungele ukuba khona kule midlalo. Kodwa-ke uWilliams usengozini yokuphuthelwa yimidlalo emibili esele ya-Matsatsantsa kule sizini. Lokhu kungaba isithiyo esikhulu kuBroos.

Ukuhlungela i-Afcon ezoba e-Ivory Coast ngonyaka ozayo ngezinye zezinto ezibalulekile kuBroos. Omunye ngowokuqondisa iBafana kwi-Ndebe Yomhlaba ye-Fifa yango-2026 ezosingathwa yi-Melika, i-Canada kanye ne-Mexico.

UBroos uzoba ngaphansi kwengcindezi enkulu uma ehluleka ukuyisa iBafana kwi-Afcon. IBafana ihlulekile ukungena kwi-Afcon ebise-Cameroon ekuqaleni konyaka, okuholele ekutheni owandulela uBroos, uMolefi Ntseki, axoshwe ngoNdasa ngo-2021.

IBafana yagcina ukuhlungela ukungena kwi-Afcon ngo-2019 eyayise-Egypt kusaphethe uStuart Baxter.

Ngesikhathi uBroos enethemba lokuthi ukaputeni wakhe uzolulama ngokuhamba kwesikhathi, lo mqeqeshi ukhushulwe yifomu kaPercy Tau yakamuva. Lo mgadli we-Al Ahly ube yiqhawe eqenjini lase-Egypt ngoMgqibelo ngesikhathi evuka umbhejazane emdlalweni wabo bebhekene ne-El Satif, eyishaya ngo 4-0.

UTau ushaye amagoli amabili wasiza kwamabili. Ngaphandle kokungabaza lokhu kwenze uBroos waba yindoda ejabule njengoba engakaze amsebenzise uTau phambilini.

UTau ubengekho efomini noma ubesuke elimele njalo uma uBroos ememezela iqembu lakhe lemidlalo yobungani noma yokuhlunga. Kulokhu uTau kungenzeka abuyele eqenjini likaBroos kanti kulindeleke ukuthi asize iBafana ukuze isondele ekutheni ihlungele ukungena kwi-Afcon elandelayo.

Umthombo wesithombe: @Lehloenyamelo

Scrolla World Cup Quiz