Owe-World Athletics ukhala ngabasubathi besifazane abashintshe ubulili

Dylan Bettencourt

UMengameli we-World Athletics uSebastian Coe uthi ikusasa lezemidlalo kwabesifazane “lintekenteke” ngemuva kokuthi umbhukudi oshintshe ubulili uLia Thomas ewine umqhudelwano wasekolishi we-US National.

Ukuwina kukaThomas kuqubule inkulumompikiswano yokuthi ngabe ubuqotho bezemidlalo buzohlala bukhona yini uma abasubathi abashintshe ubulili bevunyelwa ukuqhudelana.

“Ngicabanga ukuthi ubuqotho bemidlalo yabesifazane nekusasa lezemidlalo yabesifazane, lintekenteke kakhulu,” kusho uMengameli we-World Athletics uCoe.

Umbhukudi waseMelika, uThomas, wancintisana neqembu labesilisa lase-Pennsylvania ngaphambi kokwelashwa ngokubuyiselwa kwama-hormone ngo-2019.

Kusukela lapho, lo msubathi (22) wephule amarekhodi amaningi okubhukuda enyuvesi.

Isigungu esilawulayo sokubhukuda eMelika silungise inqubomgomo yaso ukuze sivumele abasubathi abashintsha ubulili ukuthi baqhudelane emiqhudelwaneni esezingeni eliphezulu, njengoba umsubathi ehlisa amazinga e-testosterone ukuthi afike ezingeni elithile.

Kodwa-ke uMengameli we-World Athletics ukholwa wukuthi akumele kwehlele esibalweni kodwa kumele kukalwe ngokudlala.

“Bheka isimo samantombazanyana aneminyaka engu-12 noma engu-13 ubudala. Ngiyakhumbula ukuthi amadodakazi ami ayevame ukwedlula ozakwabo besilisa ekilasini labo kodwa ngesikhathi beqala ukuthomba kwavuleka igebe elikhulu futhi eliyohlala likhona. Ubulili abukwazi ukuphikisa isayensi yezinto eziphilayo,” kusho uCoe etshela iphephandaba i-Times.

Naphezu kwemizwa yakhe, i-World Athletics kaCoe ivumela abasubathi abashintsha ubulili ukuthi baqhudelane inqobo nje uma amazinga e-testosterone esezingeni elidingekayo izinyanga ezingu-12.

Umsubathi waseNingizimu Afrika, uCaster Semenya, uke wabhekana nesimo esifanayo ngesikhathi kunguyena owina umjaho we-800m ngaphambi kokuba aphoqeleke ukuthi ehlise izinga lakhe le-testosterone futhi agcine engasaqhudelani.

(USemenya akakaze ashintshe ubulili, kodwa kukholakala ukuthi “unesimo esidala ukuthi umzimba wakhe ukhiqize i-testosterone enamazinga aphezulu kunabesifazane abaningi,” ngokusho kwe-Washington Post.)

Umthombo wesithombe: @USAToday

Scrolla World Cup Quiz