Menzi Magubane
UMengameli we-Safa, uDanny Jordaan, ubona sekuyisikhathi sokuthi i-PSL ifinyelele esigabeni samaligi aphezulu emhlabeni futhi yethule umsizi kanompempe (i-VAR) emidlalweni yasekhaya.
Ubuchwepheshe be-VAR bethulwa okokuqala ebholeni lase-Afrika i-CAF kumasizini amabili edlule, njengoba busetshenziswa emiqhudelwaneni yayo yezwekazi.
Kodwa kuze kube yimanje ayikho iligi yase-Afrika esebenzisa i-VAR kanti uma i-PSL ivumelana nesicelo esiphuthumayo sikaJordaan bazoba ngabokuqala ukwenza lokho kwizwekazi.
“Sethule i-VAR. Kufanele senze njalo njengezwe,” kusho uJordaan.
Izinga labaphathi lilokhu liba nokungabazeka okukhulu kumasizini asanda kwedlula kanti nokwethulwa kobuchwepheshe be-VAR kuphakanyiswe abaqeqeshi bamaqembu amaningana.
Kuthiwa abaqeqeshi bamaqembu adlala kwi-DStv Premiership banxuse esidlangalaleni ukuthi usihlalo we-PSL u-Irvin Khoza ethule lolu hlelo njengoba ukungajaji kahle konompempe kubenza balahlekelwe imisebenzi yabo.
“Lezo ngezinye zezinto ezinkulu esizixoxe nosihlalo we-PSL u-Irvin Khoza futhi sisazoqhubeka nokuxoxa ngazo,” kusho uJordaan.
“Ingqinamba yokuqala eyokudayiswa kwebhola lakuleli. Eyesibili idijithali, i-harmonization kanye nokuhlanganiswa kobuchwepheshe ekulungiseleleni amaqembu esizwe,” kwengeza uJordaan.
Ngesizini edlule uKhoza ubalule ukubaluleka kokuba ne-VAR kweye-Premiership.
Kodwa-ke uthe inkinga ukuthi iyabiza futhi iligi izodinga abaxhasi abaningi abazoyilekelela.
Kulindeleke ukuthi isizini entsha iqale ngoNcwaba kanti uma kuzokwethulwa i-VAR ngaleso sikhathi, isikhathi sidliwe inja kuJordaan noKhoza.
Ngaphandle kokungabaza, abaqeqeshi nabadlali bazokwamukela lobu buchwepheshe ngezandla ezimhlophe uma isicelo sikaJordaan esiphuthumayo siba yimpumelelo.