Owe-Mercedes udalula akutshele ithimba lakhe langamlalela 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo


ULewis Hamilton useveze ukuthi ithimba lakhe le-Mercedes Formula 1 alizange lilalele ngesikhathi ekhuluma mayelana nokuthuthukiswa kwemoto yabo.

Lawa mazwi adweba isithombe esifiphele hhayi ngekusasa le-Mercedes kuphela, kodwa nelikaHamilton kanye nenhlanganisela ye-Mercedes-Hamilton.

Lo mpetha womhlaba osewine izikhathi eziyisikhombisa wayaziwa kakhulu ngesikhathi esaqala umsebenzi wakhe ngokuzibeka icala uma bengadlalanga kahle. Ikhono lakhe lokuthatha icala uma kungahambanga kahle kwakungesinye sezizathu eziningi onjiniyela beqembu bakhonze lo mshayeli wase-Britain.

Kodwa-ke, izikhathi manje sezishintshile futhi indlela uHamilton aseziphethe ngayo nayo ishintshile. Ugxeke iqembu lakhe ngokungenzi kahle.

Futhi nakuba kucace bha ukuthi imoto yakwa-Mercedes ayizange ifinyelele ezingeni layo elivamile lokuncintisana eminyakeni emibili edlule, ukuphawula kukaHamilton kugqamisa okungekuhle ngaleli thimba.

“Ngonyaka odlule kunezinto engangibatshela zona njengokuthi izinkinga zisemotweni, ”kusho uHamilton etshela i-BBC’s Checkered Flag podcast.

“Sengihambe ngezimoto eziningi empilweni yami, ngiyazi ukuthi imoto idingani nokuthi ayidingi ini.”

Kungenzeka ukuthi oneminyaka engu-38 ubudala uqinisile, kodwa ukuphawula kwakhe okwengeziwe kuzobhebhethekisa omkhulu umlilo.

“Okumele bakwenze ukubona amaphutha abo. Bavume ukuthi abazange bangilalele futhi baphinde bavume ukuthi bazokulungisa lokhu,” kusho uHamilton.

“Singompetha bomhlaba yebo asizange senze kahle ngalesi sikhathi nangonyaka odlule. Kodwa lokho akusho ukuthi angeke sikwazi ukukhuphula amasokisi.”

Umphathi omkhulu weqembu lakwa-Mercedes, uToto Wolff naye uvumile ukuthi ithimba lenze iphutha mayelana nokulungiswa kwemoto yango-2023.

“Silahlekelwe unyaka,” kusho uWolff ngemuva kwe-Bahrain Grand Prix ngeSonto eledlule.

“Ukuze konke kuhambe kahle kumele sithathe lezi zinqumo,” kusho uWolff.

“U-Aston Martin wasithatha leso sinqumo babuya ngamandla. Uma siqala sithatha esethu isinqumo mhlawumbe singabuya ngamandla sijahe ama-Red Bulls okuyisifiso sethu.”  

UHamilton uphume endaweni yesihlanu ku-Grand Prix yokuvula kwathi uzakwabo, uGeorge Russel wabamba indawo yesikhombisa.

Isithombe esingenhla: ULewis Hamilton

Umthombo wesithombe: @MercedesAMGF1

Izihloko zakamuva