Owe-Manchester United usolwa ngokuhlukumeza intombi yakhe

Dylan Bettencourt

Umgadli we-Manchester United uMason Greenwood usolwa ngokuhlukumeza intombi yakhe.

Owesifazane, uHarriet Robson, ufake lezi zinsolo ngezithombe, amavidiyo kanye nenkulumo eqoshiwe ku-Instagram ngeSonto ekuseni. Kodwa zasuswa ngokushesha ngemuva kokuthunyelwa.

Isithombe esisodwa siveza uRobson enenxeba elikhulu, elinegazi emlonyeni wakhe. Ezinye zikhombisa imihuzuko emlenzeni, engalweni nasesinqeni.

URobson uphinde wathumela izwi eliqoshiwe lengxabano engeyinhle eyenzeka phakathi kowesilisa nowesifazane.

Enkulumeni eqoshiwe, owesifazane, obizwa ngoHarriet uzwakala enqaba ukuya ocansini nowesilisa obizwa ngoMason. 

Uma emtshela ukuthi akafuni ukulala naye, uzwakala emsabisa ngodlame.

Uzwakala ethi “Ngiphushe futhi uzobona ukuthi ngizokwenzani.”

Ngemuva kokuthi anqabe, uzwakala ethi: “uzobona ukuthi kuzokwenzakalani.”

“Amaphoyisa ase-Greater Manchester ayazi ngezithombe namavidiyo. Uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholwe imniningwane egcwele,” kusho isitatimende samaphoyisa.

Amaphoyisa ngokuhamba kwesikhathi abophe owesilisa ngezinsolo zokudlwengula nokushaya, ngokusho kwentatheli uMike Keegan.

Akukaqinisekiswa ukuthi indoda okukhulunywa ngayo nguGreenwood yini.

I-Manchester United esitatimendeni ithe bayazazi izithombe nezinsolo ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Ngokuhamba kwesikhathi iqembu likuqinisekisile ukuthi uGreenwood oneminyaka engu-20 ngeke abuyele ekuziqeqesheni noma adlale imidlalo kuze kuxazululwe loludaba, ngokusho kwentatheli uFabrizio Romano.

UGreenwood, ongumdlali wase-England, usedlalele leli qembu lase-Manchester izikhathi ezingu-129,  washaya namagoli angu-35.

Umthombo wesithombe: @ManchesterEveningNews

Scrolla World Cup Quiz