Owe-Liverpool uthembisa ukubuya nese-Uefa

Dylan Bettencourt

Umqeqeshi we-Liverpool uJurgen Klopp ufunge wagomela ukuthi iqembu lakhe lizonqoba i-Uefa Champions League ngemuva kokuhlulwa kwi-Premier League ngephuzu elilodwa.

Womabili la maqembu i-Liverpool ne-Manchester City bebezimisele ngesikhathi bedlala umdlalo wokugcina we-Premier League.

Bekubukeka kuzohamba ngendlela kwi-Manchester City  ngesikhathi uMohamed Salah efaka ibhola enethini.

Lokho kwenzeke ngesikhathi semidlalo yokugcina lapho i-Liverpool isendaweni yokuwina isicoco kodwa ukulahlekelwa iligi ngosuku lokugcina ngephuzu elilodwa kubuhlungu.

I-Liverpool iqede amasizini amane e-Premier League inamaphuzu angu-90 kodwa yawina iligi kanye ngaleso sikhathi.

Ubuhlungu buzoguqulwa kube ugqozi njengoba iqembu lase-Merseyside libheke ukuwina indebe yayo yesikhombisa yase-Europe.

“Yebo ukulahlekelwa iligi namuhla kwandisa isifiso sokuwina,” kusho uKlopp ngemuva komdlalo.

“Le sizini iyamangalisa impela, futhi ayipheli namuhla iphela ngesonto elizayo.”

I-Liverpool vele isiwine izindebe ze-Carabao kanye ne-FA kule sizini futhi izobe ibheke ukwedlula ama-blues kwi-Premier League ukuze ihlule i-Real Madrid ngoMgqibelo ekuphindeni kowamanqamu onyaka ka-2018 njengoba ese-Paris.

Ukunqoba i-Champions League ngaphandle kokungabaza kuzokwenza abadlali be-Liverpool bakhohlwe ukuthi i-City iwine iligi, kodwa kumele baqale bashaye iqembu elinqobe kaningi kwi-Champions League.

Yize i-Liverpool izongena kulo mdlalo njenge zintandokazi kodwa okukhonjiswe i-Real Madrid kule sizini angeke bakukhohlwe. 

Umthombo wesithombe: @ThisIsAnfield

Scrolla World Cup Quiz