Owe-IFP usolwa ngezinsolo zokucwasa

Celani Sikhakhane

I-IFP ibhekene nezinsolo zokucwasa ngokwebala ngemuva kokuba omunye wabaholi bayo abaphezulu esolwa ngokukhuluma amazwi alulaza abaholi boMdabu baseNdiya. 

IMeya yaseJozini uMnu Naye Mathe kuthiwa izwakalise ukukhathazeka kweminye yemihlangano yeqembu. Kuthiwa ubekhala ngamaNdiya aleli qembu anikwa izikhundla ezibucayi koMasipala abaphethwe i-IFP ekubeni bona bengakutholi ukusekwa kakhulu kulezi zindawo.

Umthombo udalule ukuthi uMathe uphakamise lo mbuzo ngoba ecasulwe isiphakamiso sekomiti le-IFP sokuthi uMfundisi Tim Moodley abe iMeya kuMasipala wesifunda uMkhanyakude.

“Uze wabuza ukuthi kungani uMengameli we-IFP ebeka uMoodley kuqala kunamakhansela amnyama ngoba akanaso isifunda noma igatsha akulo,” kusho umthombo.

“Asazi ukuthi iqembu lizozizwa kanjani ngalokhu ngoba iningi labaholi boMdabu baseNdiya lithembeke kakhulu kubaholi abaphezulu ngenxa yemali abanayo.

“Bahlale beseka iqembu ngemali yabo ikakhulukazi ngesikhathi sokhetho nangesikhathi iqembu lingenawo uMasipala ongaxhasa ngalo imisebenzi yalo,” kusho umthombo.

UMathe waqokwa emhlanganweni womkhandlu owawunezinxushunxushu ngesikhathi amanye amakhansela e-IFP nawe-ANC ayemhlelela itulo lokumketula befuna ukukhetha ikhansela le-EFF njengeMeya yaseJozini.

Okhulumela i-IFP uMkhuleko Hlengwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kungayishwa elikhulu uma  uMathe ewakhulumile la mazwi anokucwasa ngalolu hlobo.

“Akukho esikutholile mayelana nalolu daba siqala ngqa ukukuzwa, kodwa uma sekufike ezindlebeni zethu sizolandela imigudu efanele ukuze silubhekisise,” kusho uHlengwa.

Akukhona okokuqala i-IFP ibhekana nezinsolo ezinje.

Ngonyaka ka-2009 kunabaholi base-Zululand abavukela amaNdiya ababenethemba lokuthi bazongena ohlwini lwabaya ePhalamende likazwelonke nesiShayamthetho sesifundazwe.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi sikaNobhala Jikelele osewathatha umhlalaphansi uMfundisi Musa Zondi nowayenguSihlalo kazwelonke uNkk Zanele KwaMagwaza Msibi.

UMathe ubize lezi zinsolo njengetulo lezepolitiki.

“Kwi-IFP abantu bajutshwa ngokwamakhono abo hhayi ngokwebala,” kusho uMathe.

Izihloko zakamuva