Owe-Formula 1 ugonyuluka ngokuhlukunyezwa nokucwaswa 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Umpetha we-Formula 1 uLewis Hamilton usevule isifuba ngokukhula kwakhe nokucwaswa ayebhekene nakho ngesikhathi esafunda.

Lo mshayeli we-Formula 1 useke wakhuluma ngokucwasa kwakhe, kodwa akakaze achaze ukuthi ikuphi adlule kukho ngenxa yombala wesikhumba sakhe kuze kube manje.

Ekhuluma ku-podcast ethi-On Purpose, uHamilton uthe esikoleni iyona ndawo ayehlukumezeka kakhulu kuyona empilweni yakhe.

“Kwakuyingxenye enzima kakhulu empilweni yami,” kusho uHamilton.

“Ngaqala ukuhlukumezeka ngineminyaka eyisithupha. Bengingomunye wezingane ezintathu ezihluke ngokwebala futhi bengimkhulu, ngakho ezinye izingane bezihlezi zingicwasa ngaso sonke isikhathi,” kusho uHamilton (38).

UHamilton uphinde wadalula ukuthi cishe zaziyisithupha noma ziyisikhombisa izingane zabantu abamnyama esikoleni esinabafundi abangu-1 200.

Okwakunzima kakhulu ukuthi: “Ukudelelwa, ukujikijelwa ngezinto abanye bajikijela amakhasi abhanana noma basebenzisa igama elilulazayo kalula nje.”

UHamilton nguye yedwa umshayeli ongumuntu omnyama oku-Fomula 1 futhi useke wabhekana nokuhlukunyezwa ngokuzama ukukhuluma ngokungabi nabulungiswa ngaphakathi nangaphandle kwezemidlalo.

Kuwo wonke umsebenzi wakhe, uHamilton uhlezi ekhuluma futhi elwa nokucwasa ngokwebala. Ubalule ukuthi kuwumsebenzi wakhe ukusebenzisa inkundla yakhe ukulwa nokucwasa ngokwebala, njengoba ziningi izisulu ezibhekana nalokhu.

Nakuba abaningi bengabaza izinhloso zakhe njengokufuna nje uzwelo, kodwa kuyamnikeza ugqozu lokufuna ukulwa nalolu daba.

Lo mpetha womhlaba udlale izikhathi eziyisikhombisa, kodwa akazange awine ngesizini ye-Formula 1 ka-2022. Lokhu akukaze kwenzeke futhi manje usezobheka phambili ku-2023 ukuthi alungise lawomaphutha. 

Imoto entsha yakwa-Mercedes izokwethulwa ngomhlaka-15 kuNhlolanja kanti isizini ye-Formula 1 izoqala mhla zinhlanu kuNdasa nge-Bahrain Grand Prix.

Isithombe esingenhla: ULewis Hamilton

Umthombo wesithombe: Sports Illustrated

Izihloko zakamuva