
Dylan Bettencourt
I-Formula 1 ibhalwe ngokuthi ingeminye yemidlalo eyingozi kakhulu, kodwa uKevin Magnussen ukushaye indiva lokho waphinde wajoyina lo mdlalo.
UMagnussen uthathe indlela ehlukile yokuqinisekisa ukuthi ubuyela kwi-Formula 1 ngokuvumelana neqembu le-Haas ngemuva kwalokho wabe eseshayela umkakhe ucingo ecela imvume.
Ngesikhathi umshayeli wase-Denmark ebuzwa ukuthi ubuye ngendlela engafanele yini uvele wahleka wathi “mhlawumbe.”
Njengoba isizini ka-2022 ye-Formula 1 isisondele ithimba le-Haas lizithole selidinga umshayeli omusha ngemuva kokuthi umdlalo wabo wase-Russia uNikita Mazepin enqatshelwe ukungenela lo mjaho.
Ubaba kaNikita uDmitry wayengumxhasi omkhulu ngenkampani yakhe yamandla i-Urakali enobudlelwano ne-Kremlin.
Ukubandakanyeka kwe-Russia eqenjini le-Haas kufinyelele esiphethweni njengoba i-Ukraine ihlaselwe nguMengameli uVladimir Putin emasontweni ambalwa ngaphambi komjaho wokuqala e-Bahrain.
Umphathi weqembu le-Haas uGuenther Steiner ngokushesha uthathe ucingo wacela ukuthi uMagnussen aphinde ajoyine iqembu ayelishiye eminyakeni emibili eyedlule.
“Ungishayele ucingo wahlala odabeni wangibuza ukuthi “ingabe uyafuna ukubuyela kwi-Formula 1 futhi ngabe usukulungele?’” UMagnussen utshele i-Sport Bild.
“Angibange ngisacabanga ngivele ngavuma ngokushesha. Ngemuva kwalokho ngashayela umkami ngacela imvume yakhe.”
Lo wesilisa oneminyaka engu-29 uthe wayesekuyekile ukubuyela kwi-Formula 1 ngemuva kokuxoshwa e-Haas ngo-2020, kodwa ubengeke akwazi ukuphuthelwa ileli thuba futhi ubazi ukuthi unkosikazi wakhe uzovuma.
“Ubebona kahle ukuthi leli ithuba eliyingqayizivele. Ngangingasacabangi ukuthi ngoke ngibuyele kwi-Formula 1.”
UMagnussen ukujabulele ukubuya ngendlela eyisimanga kwi-Formula 1 eqeda phakathi kwamaqembu ayishumi emijahweni emithathu kwemine kule sizini.
I-Haas ayitholanga amaphuzu kuyo yonke isizini edlule, kodwa kule sizini isinamaphuzu angu-15 wonke aphuma kumshayeli wabo wase-Denmark.
Okulandelayo kwi-Haas ne-Formula 1 uhambo oluya eMelika kwi-Miami Grand Prix ngeSonto mhla ziyisishiyagalombili kuNhlaba.
Umthombo wesithombe: @HaasF1Team