Owe-Fifa unxusa ubumbano kwawomhlaba kuphele nezimpi

UMengameli we-Fifa uGianni Infantino uthe iNdebe Yomhlaba ingaba isixazululo sokuthi i-Russia ne-Ukraine ivumelane ngokubeka izikhali okwesikhashana.”

Ekhuluma emhlanganweni we-G20 e-Bali e-Indonesia ngoLwesibili, uMengameli uthe iNdebe Yomhlaba inikeza inkundla eyingqayizivele kumazwe womabili i-Russia ne-Ukraine.

“Isicelo sami kumazwe womabili ukuthi acabange ngokubeka phansi izikhali inyanga eyodwa kuze kuphele iNdebe yoMhlaba,” kubika i-Politico.

Uphinde wanxusa ukuthi okungenani kusetshenziswe eminye imigudu yokusiza abantu noma yini engaholela ekuqaliseni kabusha kwezingxoxo njengesinyathelo sokuqala sokuthula.

Nakuba u-Infantino engakubekanga kucace ukuthi isiphakamiso sakhe ngesokuzuza iNdebe Yomhlaba noma ukuthula emhlabeni uthe abaholi bomhlaba abakhona banamandla okuzakhela ikusasa.

“Nina ningabaholi bomhlaba. Ninamandla okuzakhela umhlaba. Ibhola kanye neNdebe Yomhlaba izosiza ukuthi nithole ithuba eligqayisivele lokwaka ubumbano nokuthula emhlabeni wonke. Asithathe leli thuba senze konke esingakwenza ukuze siqale ukuqeda zonke izingxabano.”

“Asinaso isiqiniseko sokuthi ibhola lingazixazulula izinkinga zomhlaba, kodwa mhlawumbe iNdebe Yomhlaba yamanje ingaba yisiqalo esihle.”

Balinganiselwa ku-5.5 billion abantu okulindeleke ukuthi babukele iNdebe yoMhlaba kulezi zinsuku kusukela ngomhlaka-28 futhi lokho kungabuyisa ithemba emhlabeni jikelele. 

 Inkulumo ka-Infantino ikhombisa isibindi futhi mhlawumbe iNdebe Yomhlaba ingase inikeze ithuba lokuthula kwabanye njengoba bezobe begxile ekubukeni imidlalo yeNdebe yoMhlaba.

Izwe elizosingathi imidlalo yeNdebe yoMhlaba i-Qatar sekunesikhathi eside ligxekwa ngerekhodi lalo elibi lamalungelo abantu kanye nempatho yabasebenzi basemazweni angaphandle ngesikhathi sephrojekthi yeNdebe Yomhlaba.

I-Fifa icele abalandeli namaqembu ngokufanayo ukuthi bangayinaki ipolitiki yase-Qatar, kodwa bagxile ebholeni.

Luhlanganiswe uDylan Bettencourt

Isithombe esingenha ngesikaGianni Infantino emhlanganweni we-G20

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva