Owe-England usize iqembu ngokuthola iphuzu

Razeen Gutta

UHarry Kane ushaye igoli lakhe lesi-50 ngasekupheleni komdlalo ngesikhathi bebambene ngamaphuzu alinganayo bedlala ne-Germany e-Allianz Arena.

Abasingathi ibona abakade bephethe isiwombe sokuqala, kodwa bathwala kanzima esiwombeni sesithathu bangakwazi ukusebenzisa amathuba abebewathola. Umdlali wasesiswini we-Borussia Mönchengladbach uJonas Hofmann ushaye igoli, kodwa laphikwa ngaphambi nje kwesigamu sehora kanti nesiwombe sokuqala siphele bengenagoli.

UHofmann uqokwe nguJoshua Kimmich emizuzwini emihlanu kuqale isiwombe sesibili, uvele wakhahlela ibhola ngomfutho ladlula uJordan Pickford langena epalini le-England kwenza i-Germany yahamba phambili. UPick kufanele ngabe wenze kangcono futhi umphathi uGareth Southgate kungenzeka ukuthi ucabanga ukucela usizo kowesilisa we-Arsenal u-Aaron Ramsdale.

Izivakashi zibonise ukudlala ngokuzimisela kodwa zihlulekile ukusebenzisa amathuba ebeziwathola. Ukungena kukaJack Grealish noJarrod Bowen kwengeze inhlansi yethemba eqenjini likaGareth Southgate njengoba bese kusele imizuzu eyishumi ukuthi kuphele umdlalo uKane wacishe washaya igoli lokulinganisa.

Umgadli ophakathi kwi-Spurs ungene esuka kwesokudla ebhokisini ngenhloso yokufuna ukufaka igoli, kodwa ekhoneni wavinjwa uManuel Neuer.

Ngokuphela nje kwemizuzu emibili kwengu-90 ukudlala kukaKane kucishe kwamenza wathola uthuba lakhe lokulinganisa amaphuzu. Amabhubesi amathathu athole indawo ngemuva kokuphonselwa inselelo nguNico Schlotterbeck kuKane okuphoqe i-VAR esinqumweni ebekumele sithathwe.

Noma kunjalo ukaputeni we-England ushaye igoli lakhe lesi-50 eliqhamuke ekhoneni elingezansi kwesokunxele wadlula uBobby Charlton obephambili kwakhe ngokushaya amagoli waphinde wazithola engemuva kukaWayne Rooney njengomshayi magoli ohamba phambili e-England.

I-Italy ishaye i-Hungary ngamagoli amabili kwelilodwa komunye umdlalo ku-Group A3 okushiye iqembu lisesicongweni ngamaphuzu amane ngaphambi kohambo oluya e-Wembley ngoMgqibelo ebusuku. I-Hungary izokwamukela i-Germany ngesikhathi esifanayo.

Scrolla World Cup Quiz