Owe-DA usola uZille ngokucwasa ngokwebala

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Lowo owayengumholi we-DA e-Eastern Cape uNqaba Bhanga unezinsuku ezimbili zokuchaza ngakubhale esidlangalaleni lapho esole uSihlalo weqembu uHellen Zille njengomuntu onobandlululo.

“UBhanga ungene ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo ntambama ezwakalisa ukudinwa kwakhe nokusola uZille ngokugcina amafayela abantu abamnyama.”

“UHelen Zille ungumuntu onobandlululo olukhulu kunabo bonke. Unefayela labo bonke abantu abamnyama kanti izolo ngifunde ukuthi uluthola kanjani ulwazi lokuzama ukucekela phansi i-ANC. Ngiphatheke kabi ukwazi ukuthi ubesebenzisana ne-ANC ngokumelene nami.”

UBhanga uthi uZille uphenya yena namanye amalungu amnyama wathi uzizwa ekhasheliwe futhi uzwa ubuhlungu ngokuthi iqembu lakhe limuhambela emuva futhi usola ukuthi liyamphenya.

Uthe uthole ngoLwesihlanu ebusuku ukuthi uZille ubese-Gqeberha eyophenya ukuthi owayeyisikhulu sikaMasipala wamthengela kanjani umuzi obiza u-R6-million. “Nginomuzi omkhulu kabi e-Walmer cishe njengaseNkandla kanti abelungu banomona futhi bayazibuza ukuthi nginomuzi omkhulu kanjani njengoba ngingumuntu omnyama.”

“Izinga lokucwasa kwakhe nomona lingaphezu kwami,” kusho uBhanga. Uqhube wathi ngemuva kokubhoka kwakhe uyazi ukuthi ikusasa lakhe eqenjini alikakacaci.

“Bazongikhipha, kodwa engikubhalile bekungelona iphutha.”

Isigungu esiphezulu se-DA esifundazweni (PEC) sibe nomhlangano ngeSonto okuyilapho sinqume khona ngazwi linye ukuthi uBhanga akanikezwe isaziso senhloso yokummiswa kuzo zonke izinto ezenziwa iqembu.

Umholi we-DA esifundazweni, u-Andrew Whitfield uthe uBhanga umisiwe njengoba kusalindwe umphumela wophenyo mayelana nezinsolo zakhe nokwephula imithetho njengelungu le-DA.

“Inhloso yokumisa uNqaba Bhanga iza ngemuva kokuthi ephumele obala ebize elinye ilungu le-DA uHelen Zille njengomuntu onobandlululo wafaka nezinsolo ezingenasisekelo ngaye ezinkundleni zokuxhumana.”

I-PEC idlulisele icala kukhomishana yezomthetho yeqembu ukuze kuphenywe lezi zinsolo.

“I-DA e-Eastern Cape iphoxeke kakhulu ngokuziphatha kukaBhanga okuphambene nokuzibophezela kwakhe phambilini kokungacwasi ngokwebala kanye neqembu.”

Osesithombeni esingenhla: Owayengumholi we-DA esifundazweni uNqaba Bhanga

Umthombo wesithombe: I-Facebook

Izihloko zakamuva