Owe-DA olaxaze iqembu umataniswa ne-Action SA

Lungani Zungu

Ukwesula esikhundleni komholi we-DA KwaZulu-Natal uMnu Zwakele Mncwango njengelungu lesiShayamthetho sekuqubule izinsolo zokuthi angase ajoyine elinye iqembu lezombusazwe.

UMncwango obengumholi we-DA KwaZulu-Natal uthe bekungesona isinqumo esilula lesi asithathile.

“Lolu daba ngilibuke ngelibanzi isikhathi eside ngase nginquma ukuthi kufanele ngihlole ukuthi lingakanani igalelo engingaba nalo esikhathini esizayo,” esho.

Ukwesula kwakhe kuzoqala ukusebenza ngomhlaka-15 kuMfumfu.

UMncwango oyilungu elijwayelekile le-DA umataniswa neqembu likaHerman Mashaba i-ActionSA okuthiwa lifuna athathe izintambo zobuholi beqembu esifundazweni.

Lesi sikhundla kwi-ActionSA asinamuntu ngemuva kokuxoshwa kukaMakhosi Khoza ngoNhlaba.

I-DA ibhekene nengwadla yokuphuma kwabaholi abaMnyama abaqavile okubalwa kubo owayengumholi weqembu uMmusi Maimane, osengumholi we-Build One South Africa (Bosa).

Abanye abafana noMbali Ntuli obethembekile kuMncwango, nobengumholi wentsha ye-DA ushiye iqembu ngoNhlaba ngemuva kokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe noSihlalo we-DA kwi-Federal Council uHelen Zille.

UMakashule Gana ushiye leli qembu ngoNcwaba ngesikhathi eyilungu lesiShayamthetho saseGoli.

Owayeyilungu le-DA ePhalamende uPhumzile van Damme naye walaxaza leli qembu nyakenye.

Abanye abahlubuka kwi-DA bashintsha ukwethembeka basekele amanye amaqembu ezepolitiki ngesikhathi abanye bengena ebhizinisini noma baqhube izifundo zabo.

Ebheka ikusasa uMncwango uthe zikhona izinto ezithile angazicabanga.

Lokhu kuhlanganisa ukuhlala ematasa kwezombusazwe, ukuqhuba izifundo zakhe noma ukungena kwezamabhizinisi. UMncwango unoxhaxha lwamabhizinisi.

“Ukusebenzela abantu bakithi kube yinto ethobayo negculisayo,” kusho uMncwango.

Umholi we-DA esifundazweni uMnu Francois Rodgers ukwamukele ukwesula kukaMncwango.

Umholi we-ActionSA uMashaba akatholakalanga ukuba aphawule.

Izihloko zakamuva