Owe-basketball waseMelika uboshwe e-Russia

Dylan Bettencourt

Isihlabani saseMelika se-basketball uBrittney Griner uboshwe yi-Russian Federal Customs Service.

Bathole i-vape cartridges equkethe amafutha e-hashish esikhwameni sakhe.

Abasebenza ukubheka imithwalo esikhumulweni sezindiza badalule ukuthi lo mdlali uboshwe esikhumulweni sezindiza eduze kwase-Moscow.

Ngesikhathi laba basebenzi bengalidaluli igama lomdlali, inkampani yezindaba ephethwe nguhulumeni wase-Russia i-Tass iqinisekise lo mdlali njengoGriner.

UGriner (31), ungomunye wabadlali abangu-11 kuphela abawine izicoco ze-NCAA, ze-WNBA, ze-EuroLeague kanye nezama-Olympic. Uthathwa njengomunye wabadlali be-basketball besifazane abahamba phambili kunabo bonke abake baba khona.

Isitatimende esiphuma kwabasebenza ukubheka imithwalo esikhumulweni sezindiza sikhombisa ukuthi izinja ezihogela izidakamizwa zidonse ukunakwa esikhwameni somdlali ngemuva kokufika kwakhe evela e-New York.

Amagobolondo atholwe ngesikhathi imithwalo yakhe iseshwa.

Ukutholakala nensangu kuyicala elihlawuliswa iminyaka emihlanu kuya kweyishumi ejele e-Russia.

Esitatimendeni i-ejensi kaGriner ithe bayasazi isimo sakhe.

“Sixoxisana naye, abammeli bakhe e-Russia, umndeni wakhe, amaqembu akhe, i-WNBA kanye ne-NBA,” kusho inhlangano yakhe itshela i-Guardian.

“Njengoba kuwudaba oluqhubekayo lomthetho, ngeke sikwazi ukuphawula kabanzi ngodaba lwakhe kodwa singakuqinisekisa njengoba sisebenza ukuthi abuyele ekhaya. Impilo yakhe ngokwengqondo nangokomzimba iyona emqoka kithi.

UGriner akasona isakhamuzi sokuqala saseMelika ukuboshwa yizikhulu zase-Russia njengoba isimo sishuba phakathi kwala mazwe  amabili. Ezinye izakhamizi ezintathu zaseMelika ziboshiwe e-Russia kusukela ekuqaleni konyaka.

Izikhulu zaseMelika zithi i-Moscow isebenzisa iziboshwa njengezingxoxo zokushintshisana ngeziboshwa.

Umthombo wesithombe: @LosAngelesTimes

Scrolla World Cup Quiz