
Celani Sikhakhane
ULubabalo Madikizela onguNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi e-Eastern Cape uzosula esikhundleni ayogxila emabhizinisini.
UMadikizela uhlulwe engqungqutheleni yesishiyagalolunye yokukhetha ubuholi be-ANC ngesikhathi ehlulwa uSihlalo, u-Oscar Mabuyane ngoMsombuluko.
Yize ekubeke kwacaca ukuthi uyayamukela imiphumela utshele izintatheli ukuthi uzosula maduze kuhulumeni.
UMadikizela uphinde waqokwa njengelungu lesigungu esiphezulu sesifundazwe ngemuva kokwehlulwa kodwa washeshe wadalula ukuthi uzocela ubuholi ukuthi bumkhulule.
“Uma nje ubuholi obusha obukhethiwe buzinza mhlawumbe ngesonto elizayo ngizobazisa ukuthi ngiyahamba ngizokhuluma noNdunankulu ukuthi angikhulule njengoNgqongqoshe,” kusho uMadikizela.
UMadikizela waqokwa njengoMgcinimafa we-ANC EC ngonyaka ka-2017.
Ngo-2018 owayenguNdunankulu uPhumulo Masualle wamqokela esiShayamthetho e-Bisho.
Ngemuva kokhetho lukazwelonke lwango-2019 waqokwa njengoNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi.
UMadikizela uke wasematheni ngemuva kokuba inkampani emataniswa naye isolwe ngenkohlakalo.
Ubesolwa ngusomabhizinisi uLunwabo Bam.
NgoMsombuluko uMabuyane ugcizelele ukubaluleka kokusebenzisana noMadikizela ukuqinisa ubumbano kwi-ANC esifundazweni.
Uze watshela amalungu ukuthi akekho umuntu okumele akhishwe inyumbazane ngemuva kwale ngqungquthela ngoba lokho kuzoba iphutha elizophazamisa ukuhanjiswa kwezidingo emphakathini.
UMadikizela akusiye umholi wokuqala we-ANC ukukhetha ukushiya kwezombusazwe ayogxila emabhizinisini.
Umakadebona we-ANC uTokyo Sexwale ushiye phansi umsebenzi wakhe wezepolitiki ePhalamende wabuyela ezinkampanini ezizimele ngemuva kokuhlulwa e-Mangaung ngesikhathi ayebanga isikhundla sokuba nguMengameli nowayenguMengameli Jacob Zuma.