Owe-ANC unqabele uthishomkhulu ukungena esikoleni

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Kusuke isidumo esikoleni samabanga aphansi iNkanini eKapa ngesikhathi usihlalo wesigungu esilawula isikole evimbela uthishomkhulu ukuthi angangeni emagcekeni esikole.

Impi phakathi kwalaba bobabili lokhu yaqala ukushuba kusukela nyakenye ngesikhathi uSihlalo wesigungu esilawula isikole u-Andile Lili esolwa ngokushaya uthishomkhulu ngempama.

ULili ophinde abe ilungu lesiShayamthetho le-ANC e-Western Cape waboshwa kanti uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-27 kuMasingana.

NgoMsombuluko uthishomkhulu uye esikoleni ukuyoqinisekisa ukuthi bakulungele ukuvulwa kwezikole ngoLwesithathu.

Kungaleso sikhathi lapho evinjwe khona uLili omqabelile ukungena esikoleni.

Isenzo sakhe sithukuthelise umphakathi oye wabhikisha.

UNksz Kelebogile Maboyana ongumzali uthe uLili usenesikhathi eside ehlukumeza uthishomkhulu ngakho abasakwazi ukumbekezelela.

“Usihlalo wesigungu esilawula isikole ucabanga ukuthi unguthishomkhulu nokuthi unelungelo lokuvimba uthishanhloko ukuthi angezi esikoleni. Uthishomkhulu waqashwa uMnyango wezeMfundo futhi nguyena uthishomkhulu,” etshela i-Scrolla.Africa.

Kodwa uLili ukholelwa ukuthi bonke abazali basohlangothini lwesigungu esilawula isikole.

“Saxosha uthishomkhulu nyakenye ngoba engawufanele umsebenzi. Akabaphathi ngendlela efanayo bonke abasebenzi bakhe,” kusho uLili.

Usole uthishomkhulu ngokuqasha isihlobo sakhe nokusivumela ukuthi sifike sekwedlule isikhathi esikoleni.

“Waqasha isihlobo sakhe futhi ngeke sikwazi ukuzishaya indiva izinto ezimbi ezenziwa yilo thisha esikoleni njengokufika sekwedlule isikhathi ngoba unguDJ ebusuku,” kwengeza uLili.

“Mayelana nokumshaya, amanga lawo. Angikaze ngimbeke isandla. Ngifuna ukumbona enkantolo hhayi esikoleni. Ungivulele icala ngakho kumele sigxile kulokho.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Western Cape, uBronagh Hammond ukugxekile ukukhiywa kwamasango uSihlalo wesigungu esilawula isikole.

“Amasango esikole abevaliwe namhlanje ekuseni nokuyinto eyenze ukuthi uthishomkhulu angakwazi ukungena esikoleni. Akuwona umsebenzi kasihlalo wesigungu esilawulayo ukunquma ukuthi isikole sivalwa noma sivulwa nini,” etshela i-Scrolla.Africa.

Esithombeni esingenhla: Abazali ngaphandle kwesikole samabanga aphezulu iNkanini eKapa 

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze 

Izihloko zakamuva