Lubhalwe nguMlungisi Gumede
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnu Bheki Mtolo ugxeke iNhloko yamaJaji uRaymond Zondo kanye nobuqotho bezobulungiswa bakuleli.
UMtolo usole uZondo ngokuba usopolitiki ophikisayo ozenza ijaji.
Ezweni lapho amajaji ehlonishwa khona kakhulu lesi isitatimende esiyingozi esifana nesashiwo ngowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma.
NgoLwesibili, uMtolo ukhwele wadilika kuZondo osanda kuphawula ngenkohlakalo engaphakathi kuhulumeni oholwa i-ANC.
“UJustice Zondo uzibona emkhulu kunabo bonke abantu kuleli, ungunompempe, umdlali, unozinti kanye nomsizi kanompempe,” kusho uMtolo.
“Nguye ophethe zonke izinto. Akazange enze lutho ngesikhohlakali sezombusazwe esinezinjongo zaso zangempela okufanele zivezwe.”
UMtolo uphakamise ukuthi manje elakuleli selibhekene nokulawulwa komkhakha wamajaji njengoba uZondo ehlanganise wonke amajaji ngokumelene ne-ANC.
UMtolo uthe uZondo ugxeke uhulumeni we-ANC ngesikhathi ekhuluma ngo-OR Tambo eNyuvesi yase-Fort Hare e-Alice.
“Akubanga nje isimanga kodwa ubudedengu ukuthi uMphathi wamaJaji asebenzise u-OR Tambo – owayengusopolitiki nowayeyinkakha ye-ANC – ukuhlasela abanye abaholi be-ANC kanye neqembu uqobo.
“Siyakuqonda ukuthi bonke abantu bakuleli banelungelo lokuba nemibono, kodwa uMphathi wamaJaji kufanele azi kangcono,” esho.
UMtolo uphinde waveza ukuthi uZondo akakugqizi qakala ukuhlukaniswa kwamandla phakathi kwezinhlaka zikahulumeni eziphezulu, ezobulungiswa kanye nezomthetho.
“Ukugxeka kwakhe amalungu e-ANC esidlangalaleni ePhalamende likazwelonke kudale ukungezwani phakathi kwamajaji nesiShayamthetho,” esho.
“Kuyacaca ukuthi iphalamende alisoze lathola impatho engachemile eNkantolo yoMthethosisekelo ngoba uMphathi wamaJaji unombono oqinile wokuthi amalungu ephalamende awakulungele ukubamba lezi zikhundla.
Ngabe uZondo uzoziphendulela yini lezi zinsolo? Kuzomele silinde sibone.
Esithombeni esingenhla: URaymond Zondo