Owe-ANC ubesabela impilo yakhe ngaphambi kokuba asocongwe

Celani Sikhakhane

UMfundo Mokoena, oyilungu le-ANC Youth League KwaZulu-Natal, ubengasalali emzini wakhe ngoba esaba ukuthi uzobulawa ngaphambi kokuthi kuhlale ingqungquthela yokukhetha ubuholi eThekwini.

I-Scrolla.Africa singadalula ukuthi uMokoena, odutshulwe wabulawa ngoMsombuluko ebusuku, ubehlala ezindaweni ezintathu abecashe kuzo ezinsukwini ezandulela ukubulawa kwakhe.

Umthombo obusondelene naye uthe uMokoena uthole izinsongo zokubulawa ngesikhathi kulungiselelwa ingqungquthela ye-ANC esifundeni saseThekwini.

“Bekucaca ukuthi uyazi ukuthi uzobulawa ngubani,” kusho umthombo.

Ukuphepha kukaMokoena yinto ebikhathaza abangani bakhe kanjalo nokuthinteka kwakhe emkhankasweni kaMnu Thabani Nyawose wokuba nguSihlalo we-ANC eThekwini.

Kwi-status sakhe ku-Whatsapp ukubeke kwacaca ukuthi weseka uNyawose ongase anikeze ubuholi obuthembekile nobuvivinyiwe.

UMokoena ubeyiPhini likaNobhala we-ANCYL esigcemeni sesi-67 e-Adams Mission. Udutshulwe wabulawa ngoMsombuluko ebusuku esitobhini samabhasi esiseduze nakubo kwaCele.

Kuvela ukuthi ngaphambi kwengqungquthela ube nempi enzima yamagama nabaholi nokuholele ekutheni akhathazeke ngokuphepha.

NgoLwesibili ntambama abaholi be-ANC abasanda kukhethwa eThekwini bavakashele umndeni wakhe e-Adams Mission ukuyodlulisa amazwi enduduzo.

UNobhala wesifunda eThekwini uMnu Musa Nciki uxwayise ngokuqagela okungase kuhlukanise le nhlangano phakathi.

Unxuse abanolwazi ukuthi basheshe basize amaphoyisa ukuze kuboshwe abaphehla ukubulawa kwabantu.

I-ANC isamile kwelokuthi ukushona kwakhe akuhlangene nepolitiki.

Uphiko lwentsha lwe-South African Civic Organisation eThekwini luphinde lwaxwayisa ngokuthi ukuqagela ngokushona kukaMokoena akumele kuhlanganiswe nokubulawa kwezepolitiki kuze kube amaphoyisa aqeda uphenyo lwawo.

Izihloko zakamuva