Owe-ANC othinteka kwele-VBS ngeke angenele sikhundla

Celani Sikhakhane

Umgcinimafa we-ANC e-Limpopo, uDanny Msiza, osolwa ngokuqolwa kwebhange i-VBS Mutual, usedalule ukuthi ngeke angenele noma yisiphi isikhundla engqungqutheleni yeqembu esifundazweni sase-Limpopo.

Ekhuluma ne-SABC News, uMsiza uthe ubonga kakhulu ngokuthi ozakwabo kwi-ANC basakholelwa kuboholi bakhe.

“Kodwa ngeke ngingenele skhundla engqungqutheleni ezayo yokukhetha ubuholi,” usho kanje.

UMsiza ungomunye wabantu abaqavile abathinteka ehlazweni le-VBS Mutual Bank lapho abantu abaningi abampofu base-Vhembe baqolwa imali.

Amanye amagama agqamile akhonjwa ngeminwe kuleli hlazo kubalwa owayeyinkosi yama-Venda uMphephu Ramabulana noBrian Shivambu, umfowabo welungu lePhalamende likaZwelonke uFloyd Shivambu.

Ngaphambi kokuhoxa, uMsiza ubebheke isikhundla sikaNobhala wesifundazwe kanti ubesibanga noNobhala okhona njengamanje uSoviet Lekganyane.

Isifunda esikhulu nesinamandla se-ANC e-Limpopo i-Vhembe, besifuna uMsiza abe ngunobhala.

UMsiza, okuthiwa uyindoda enamandla kunabo bonke e-Limpopo, usehoxile ezindabeni ze-ANC njengoba ebhekene namacala obugebengu ngezinsolo zokubamba iqhaza kwele-VBS Mutual Bank.

Izihloko zakamuva